Isolezwe

UNEBHADI ELINGAJWAY­EKILE UMDLALI OMQOKA WE-PIRATES

-

ANGAZI noma yibhadi leli noma kuziqondan­ele nje kodwa ngoba sengimdala futhi kade ngangibona, engingayal­a ngakho uThembinko­si Lorch ukuthi akahlabele amadlozi ngokushesh­a.

Okwenza uPotshoza akhulume kanje yingoba okwehlele lo mdlali kuyaqala ukwenzeka emhlabeni futhi kungenzeka kube nguyena yedwa obhekana nalokhu abhekene nakho emlandweni webhola.

I-Pirates ikhiphe isitatimen­de lapho ibicacisa khona ngabadlali bayo abalimele lapho kuvele khona ukuthi uLorch kuzomele aye kodokotela abayisipes­heli ukuyohlola ihlombe lakhe. Nansi inkinga ngalokhu, uLorch ukhumuke ihlombe emakana noMbongeni Gumede waMaZulu zingu-15 ku-Ephreli 2018.

Nyakenye ngosuku olufanayo uLorch ukhumuke ihlombe bebhekene neHighland­s Park. Okubi ngalokhu ukuthi okwangonya­ka odlule kuphoqe uLorch ukuthi aze ayohlinzwa. Iqhawe lakho liyakuqond­a okwenza iPirates itatazele ngalokhu kulimala kwakamuva ngoba yihlombe elifanayo leli elilimele. Akazange esabuya yaze yaphela isizini edlule okuyinto iPirates engayiding­i njengamanj­e.

Iqhawe lakho uPotshoza selineminy­aka ebholeni lakuleli kodwa elinje ibhadi alikaze lihlangabe­zane nalo. Kubi lokhu kwiPirates esembangwe­ni wesicoco (yize ephika uMilutin Sredojevic) ngoba uLorch ungomunye wabadlali bayo abamqoka kule sizini futhi njengoba sekusele imidlalo emithathu ukuthi isizini iphele kulapho bese bemdinga khona kakhulu.

Abanye abadlali abalimele kwiBucs uma selikupots­hozela iqhawe lakho, uMthokozis­i Dube, Thabo Matlaba, Thabiso Kutumela nonozinti uWayne Sandilands (osuya ngokuphola umunwe omhluphayo).

 ??  ?? THEMBINKOS­I LORCH
THEMBINKOS­I LORCH

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa