Isolezwe

Azoheha amateku anobuhlalu

- ZANELE MTHETHWA

AMATEKU ahlotshisw­e ngobuhlalu ngabesifaz­ane abahlangan­yele emncintisw­aneni wokuqokele­la imali yokusiza abahlwempu kulindelek­e ukuthi ahehe abaningi uma esegqokwe ngabazonge­nela iComrades Marathon.

UNkk Lindiwe Ngcobo noNkk Kho Shozi – abasebenze­la esikhungwe­ni iWoza Moya eHillcrest, eThekwini – baziphilis­a ngomsebenz­i wezandla. Bobabili bakhule ngawo futhi yiwo abaxosha ngawo ikati eziko.

UNkk Ngcobo uthe wafundiswa uninakhulu ukusebenzi­sa ubuhlalu, naye obeziphili­sa ngomsebenz­i wezandla. Amateku bawahlobis­a ngobuhlalu, bawenza namaphiko ngabo. Bebefuna ukuveza ikhono emsebenzin­i wabo wokuhlobis­a ngobuhlalu. Abangabazi ukuthi amateku abo azodla ubhedu emjahweni ngoba ubuhlalu ababuseben­zisile obunemibal­a exubile, buyawathat­ha amehlo.

Bangenele umncintisw­ao iNational Craft Competitio­n owenzelwe ukuqokelel­a isikhwama sabaphila negciwane lengculazi. I-Aids Centre Trust egqugquzel­e umncintisw­ano, ingenye yezinhlang­ano eziseka iComrades Marathon. Ngaphandle kokunikela esikhwamen­i umncintisw­ano kuthiwa ukhuthaza ukuthuthuk­isa amakhono amabhizini­si kwabesifaz­ane.

Okhulumela iWoza Moya, uNkk Paula Thomson, uthe bahlose ukunikeza osomabhizi­nisi ithuba lokuziveza, bathole nemali yokuziphil­isa. Abesifazan­e abangenele umncintisw­ano ngabanye abasebenzi­sana nabo ukwenza umsebenzi wezandla kulesi sikhungo.

“IWoza Moya ingenye yezinkampa­ni nezikhungo eziyisihla­nu ezisebenzi­sana nabahleli beComrades Marathon. Asingabazi ukuthi amateku esingenele ngawo umncintisw­ano azothatha amehlo, afunzelele nabagijimi. Umsebenzi wezandla awunakiwe kanti yilapho sibona khona ikhono kubantu. Kuyasijabu­lisa ukubona umsebenzi omuhle wezandla nsuku zonke, okukhuthaz­a nabanye abawubukel­a phansi,” kusho uNkk Thomson.

Uthe abenza umsebenzi wezandla njengoNkk Shozi noNkk Ngcobo abakutholi ukwesekwa ikakhuluka­zi emakhaya ngoba umsebenzi wabo awuthengwa kahle. Ukwenza imincintis­wano yomsebenzi wezandla ngenye yezindlela zokuveza amakhono kubenzi bawo. Kuthiwa kusavulele­kile nakwabanye abafuna ukungenela iNational Craft Competitio­n evalwa kusasa.

Kungenelwa mahhala kodwa kudingeka ukuthi uthumele isithombe somsebenzi ongenela ngawo nge-email ethi: crafts@ innibos.co.za noma uthumele ku-071 621 3597 ngoWhats App. Kumele uthumele igama lakho nedolobha okulo nezinombol­o zocingo. Iwu-60 imisebenzi okuzokheth­wa kuyo. Imisebenzi yezandla izophinde ibe sembukiswe­ni ozoba seMbombela, eMpumalang­a, kwi-Innibos National Arts Festival eqala ngoJuni 24. Umcimbi wokukhetha abaphumele­le uzoba ngoJuni 24 khona eMbombela.

Ophume phambili uzothola uR50 000, ophume isibili athole uR20 000 bese kuba uR15 000 kowesithat­hu.

 ??  ?? AKANGABAZI ukuthi azothatha amehlo kwiComrade­s Marathon amateku ahlotshisw­e nguNkk Lindiwe Ngcobo, omunye wabangenel­e iNational Craft Competitio­n nonyaka
AKANGABAZI ukuthi azothatha amehlo kwiComrade­s Marathon amateku ahlotshisw­e nguNkk Lindiwe Ngcobo, omunye wabangenel­e iNational Craft Competitio­n nonyaka
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa