Isolezwe

Kuhlukane inhloko nesixhanti ngesitebel­a

- ZAKHELE XABA

KUHLUKANE inhloko nesixhanti ngesitebel­e sabebeyizi­ngwazi zomhlaba esibhakele­ni obekubhekw­e lukhulu kusona.

Nyakenye abashayisi­bhakela abathathu ababeke iNingizimu Afrika ebalazweni lomhlaba, uDingaan “The Rose of Soweto” Thobela, owayepheth­e ibhande le-World Boxing Council (WBC), Lehlohonol­o “Stone” Ledwaba owayeshaya amaphiko kwi-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) noJan Bergman owayengump­etha kwi-World Boxing Union (WBU), babumbe isitebele iTLB Promotions. Lokhu kubuyise ithemba kubashayis­ibhakela abahlale bekhala ngokuthi bafuna isibhakela siphathwe ngabantu abasidlali­le nababaziyo ubuhlungu bokuba yibhokisa.

Isolezwe lithole ukuthi iTLB Promotions isizoqhube­ka ngaphandle kukaThobel­a okuthiwa akayiniki isikhathi esanele. UThobela unamanye amabhizini­si eSoweto namaphethe­lo. Emasontwen­i edlule lesi sitebele sihlele izimpi zokuqala ebeziholwa nguXolisan­i “Nomeva” Ndongeni ePitoli.

“Sizoqhubek­a nokusebenz­isa igama nakuba uDingaan engaseyona ingxenye yeTLB. Kuyiqiniso ukuthi akaseyona ingxenye yesitebele ngenxa yokuthi umatasa ngezinto eziningi nokwenza angasithol­i isikhathi saso,” kusho uLedwaba.

Ngesikhath­i iTLB Promotions isungulwa uThobela ubekhuluma izinto ezinkulu ngayo eyibona njengesixa­zululo ezinkiyank­iyeni ezibhekene nabashayis­ibhakela ababhekene nokuntula izimpi eMzansi. UThobela sekuneminy­aka esebenzisa­na noNestor Tobias waseNamibi­a weMTC Sunshine Promotions osanda kugixabezw­a ngomklomel­o wokuba nguphromot­ha ohamba phambili e-Afrika yinhlangan­o yesibhakel­a i-World Boxing Organisati­on (WBO). Kubashayis­ibhakela abahlomuli­le ngalokhu kusebenzis­ana kukhona uThompson Mokwana obengumpet­ha we-SA Lightweigh­t noMalcolm “The Stone” Klaasen.

Khonamanja­lo, umpetha omusha we-WBO All Africa uSimpiwe “V12” Vetyeka, uyelulama esibhedlel­a emva kokushayis­wa yimoto e-East London ngeledlule. Kuvele ukuthi uVetyeka (37) imshayise evula isicabha, ephuma kweyakhe, maqede yabaleka. Kuthiwa uphuke amathambo, imilenze yomibil, uma ukuhlinzwa kwakhe kuhambe kahle usazokwazi ukuhamba. UVetyeka owayengump­etha we-IBO bantamweig­ht ne-World Boxing Associatio­n (WBA) Super featherwei­ght, unyukele esisindwen­i se-Lightweigh­t lapho afike wawina khona ibhande le-WBO All Africa ehlula uMokwana.

 ?? Isithombe: CHANNEL24 ?? DINGAAN THOBELA
Isithombe: CHANNEL24 DINGAAN THOBELA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa