Isolezwe

Uzithwese ijoka lokutakula iRichards Bay kwebheke ehlathini

- MINENHLE MKHIZE

USEZITHWES­E ijoka lokutakula iRichards Bay egijima kwiNationa­l First Division (NFD) uJomo Ntuli onikwe inselelo yokukhipha leli qembu ezembeni.

NgeSonto ligcwale umoya ibhantshi kuJean Luscuito obecija iqembu. UNtuli nguyena ogixabezwe ngomsebenz­i wokutakula leli qembu. Exoxa neSolezwe ufunge wagomela ukuthi ngeke bagawulwe yizembe.

“Siyazi ukuthi ngeke kube lula kodwa sizolwa kuze kube yisekugcin­eni. Sisazodlal­a noBuntu Cape Town ekhaya okuwumdlal­o okumele siwunqobe kwazise sisembamng­weni ofanayo. Akukubi ngaleyo ndlela. Kumele sinqobe imidlalo yethu ngoba igebe phakathi kwethu namaqembu angaphezu kwethu alilikhulu, “kusho uNtuli.

I-Richards Bay iyibambe endaweni yesibili uma usuka ekugcineni. NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama iNatal Rich Boys izoshukana neBlack Leopards eThohoyand­ou Stadium.

“Kulesi sigaba sesizini awukho umdlalo olula. Nathi sibhekene nemidlalo emithathu enzima. I-Leopards ilwela ukuqinisa indawo yayo kweyokuhlu­nga kanti thina sibheke ukuvika izembe. Nokho amaphuzu siwadinga ngaphezu kwabo. Bona bangadumal­a uma bedliwa kubuye kuphole kodwa kithina ukudliwa kuzwela kakhulu ngoba kusho ukuthi sibheke ehlathini. Uma sigawulwa yizembe kusho ukuphela kwemiseben­zi. Sonke silwela ukuvikela imisebenzi yethu kusuka kubadlali kuze kufike kithina ethimbeni labaqeqesh­i,” kusho uNtuli.

IBay isiqoqe amaphuzu angu-28 emidlalwen­i engu-27. Ngempelaso­nto edlule ithelwe othulini yiSuper Eagles ngo 2-1 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay. IBay izoshukana neLeopards, Ubuntu Cape Town neMbombela United.

“Leli yithuba lokukhokhe­la uJomo Biyela (ongusihlal­o weqembu) ngokungeth­emba kwakhe enginika umsebenzi,” kusho uNtuli. Imidlalo yeNFD:

Kusasa: Cape Town All Stars v Highlands Park (Parow Park, 3pm)

NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama: Ubuntu Cape Town v Royal Eagles (Athlone Stadium); Mthatha Bucks v Jomo Cosmos (Mthatha Stadium); Uthongathi FC v Mbombela United (Princess Magogo Stadium); Black Leopards v Richards Bay (Thohoyando­u Stadium); Super Eagles v Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila (Goble Park); Real Kings v Pretoria University FC (Sugar Ray Xulu Stadium)

 ??  ?? TUTU SKOSANA
TUTU SKOSANA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa