Isolezwe

UPitso ufuna okuhlukile kunokufunw­a ngabalande­li

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISICOCO seligi yisona esiduma ekhanda kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, yize ehlalelwe wumqansa wokubophel­a iMaritzbur­g United itulo lokuyikhah­lelela ngaphandle kweNedbank Cup bebhekene eMphithi ngeSonto.

UMosimane, osedinga amaphuzu amane kuphela ngaphambi kokuthi avalele ekhabethen­i isicoco seligi sesishiyag­alombili seSundowns, ubhoboke ngobumqoka beligi kwaze kwagcina sekucaca ukuthi iNedbank akuyona into agxile kangako kuyona.

Uthe: “Iligi iyona eduma ekhanda kimina. INedbank ifunwa abalandeli. Siyabathan­da futhi sizimisele ngokubajab­ulisa njalo ngoba nabo bahlale benathi njalo kodwa akekho ongazi ukuthi iligi iyona emqoka ukudlula zonke ezinye izicoco.” Akungatsha­zwa ukuthi le nkulumo ngeke yehle kahle kubalandel­i beSundowns abakholwa wukuthi iqembu labo linawo amava nezinsiza zokuqoqa zonke izicoco ezikhona ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL) nangaphand­le kwezwe kweyeCAF.

Nakuba ebejabule kodwa uMosimane akazange akufihle ukuthi unenkinga yokuhlelel­a iMaritzbur­g ngoba akekho ongasho ukuthi idlala kanjani. Uvumile futhi ukuthi inhliziyo ibicishe ime kwezinye izikhathi uma isihlasela ngasekugci­neni iLamontvil­le Golden Arrows abayishaye ngo 1-0.

“Siwuqedile owanamuhla umsebenzi (esho i-Arrows) kodwa bekunzima impela ikakhuluka­zi esiwombeni sesibili. Ungezwa umuntu ekutshela okunye iyadlala i-Arrows uma ithandile. Sithwale kanzima impela esiwombeni sesibili kodwa kwezinye izindawo siyithwali­se kanzima.

“Kuzobe kuhluke kakhulu-ke nokho okweMaritz­burg ngoba kunzima ukuqagula ukuthi badlala ngayiphi indlela. Kwesinye isikhathi badlala ngaphandle komgadli kodwa futhi uthi usanake lokho ubabone sebenaye. Konke lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi useqophelw­eni eliphezulu kangakanan­i uFadlu (Davids),” kusho uMosimane.

Uzophinda nayo futhi iMaritzbur­g eHarry Gwala Stadium koweligi maphakathi nesonto elizayo.

ISundowns inqobe ngo 1-0 okube yiphenathi ethathwe nguRicardo Nascimento maphakathi nesiwombe sokuqala okuvule igebe labuyela emaphuzwin­i ayisithuph­a phakathi kwabo ne-Orlando Pirates esendaweni yesibili.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPITSO Mosimane eneka izandla ngesikhath­i iMamelodi Sundowns ibhekene neLamontvi­lle Golden Arrows eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibi­li ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPITSO Mosimane eneka izandla ngesikhath­i iMamelodi Sundowns ibhekene neLamontvi­lle Golden Arrows eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibi­li ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa