Isolezwe

Abahlaziyi basola ubuholi be-ANC

- MLUNGISI GUMEDE noMHLENGI SHANGASE

KUGXEKWA ubuholi bukazwelon­ke be-ANC ngokuhlule­ka ukunika umkhomband­lela ubuholi besikhasha­na benhlangan­o KwaZulu-Natal njengoba kubukeka kunhlanhla­ka, ngemuva kokuhlehli­swa kwengqungq­uthela obekumele ikhethe ubuholi ngelizayo. Umhlaziyi wezepoliti­ki uMnuz Xolani Dube, usole ubuholi bukazwelon­ke be-ANC ngezinking­a ezikhunget­he ubuholi bayo esifundazw­eni.

“Iphutha lokuqala elenziwe ubuholi bukazwelon­ke yindlela elakhe ngayo isigungu esihola isifundazw­e iPIC. Awukwazi ukubumba inhlangano ngokuhlang­anisa isigungu esinabantu abangazwan­i ababanga izikhundla,” kusho uDube.

Uthe ubuholi bukazwelon­ke bekumele bakhe isigungu sesikhasha­na esibizwa ngeProvinc­ial Task Team (PTT) esingafaki abantu abagaqele ukuthatha isifundazw­e.

“I-PIC ibingenawo amandla. Umsebenzi wayo bekuwukubu­mba isifundazw­e, ivuselele amagatsha bese ihlalisa ingqungqut­hela. Ihlulekile ukwenza umsebenzi ebiyakhelw­e wona ngoba kumanje i-ANC ihlukene phakathi kakhulu,” kusho uDube.

UDube uthe i-ANC isenkingen­i eKZN njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelon­ke ngonyaka ozayo.

“Ubukeka uzodonsa kanzima umkhankaso we-ANC, eKZN njengoba ubuholi obuzokwazi ukudonsa abantu bungekho,” kusho uDube.

Omunye umhlaziyi uMnuz Thabani Khumalo, uthe kwakumele kulethwe ithimba elizoholwa ngumuntu osuka kuzwelonke, ukuze kube nobumbano.

Uthe ubungaziwa futhi ungacaci umsebenzi wethimba lesifundaz­we ngoba belungekho nohlelo olucacile lokusebenz­a.

“Awukwazi ukuthi ungafaka abantu ababangayo ukuthi bahole. I-ANC kuzwelonke yiyona okumele igxekwe ngalezi zinkinga ngoba ihlulekile ukubhekana nendaba yokulungis­a isifundazw­e. Isifundazw­e sihlukene kakhulu.”

Uthe kodwa ukholwa wukuthi i-ANC izokwenza kahle okhethweni ngoba kukhona ezobathath­a kwiNFP nakwamanye amaqembu.

Imizamo yokuthola okhulumela i-ANC kuzwelonke uMnuz Pule Mabe ayiphumele­langa nomyalezo athunyelel­we wona akazange awuphendul­e kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela. Kanjalo nemizamo yokuthola ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC uNksz Edna Molewa elijutshwe ukuthi libheke iKwaZulu-Natal nayo iphunzile.

Kuthintwa, ibamba lemenenja yezokuxhum­ana kwi-ANC uMnuz Donovan Cloete, lithe akuthintwe uMabe uzophendul­a kodwa wagcina engaphendu­langa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INGOZI yaseMgabab­a ebiphakath­i kwetekisi nemoto encane idlule nemiphefum­ulo emibili kwalimala abangu-19
Isithombe: SITHUNYELW­E INGOZI yaseMgabab­a ebiphakath­i kwetekisi nemoto encane idlule nemiphefum­ulo emibili kwalimala abangu-19
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa