Isolezwe

Odilikajel­e neminyaka kwabebebam­ba inkunzi

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAGWETSHWE odilikajel­e ababili neminyaka engu-40 enkantolo yaseMthunz­ini, ababulali abebengong­qondongqon­do ekubambeni inkunzi kuhlonyiwe, eMpangeni nakwezinye izindawo eziseduze nayo.

USiyanda Thwala (24) noSdumo Cebekhulu (30) bagwetshwe ngoLwesith­athu ngecala lokubulala, elokudlwen­gula, elokuthumb­a nelokubamb­a inkunzi.

Isigameko sokuqala abagwetshw­ele sona senzeka ngoNovemba 24, 2015 eMngampond­o, eShowe. Laba bagwaza babulala owesifazan­e owayedayis­a esitolo.

Sebeqedile bathatha imali babaleka nayo. Umphakathi wazama ukubajaha kodwa babaleka. Ngakusasa uThwala wabonwa wumphakath­i ehamba kuyo le ndawo.

Kwabizwa amaphoyisa, waboshwa ephethe isibhamu esingekho emthethwen­i. Emuva kophenyo olunzulu kwaboshwa omunye umbulali.

Olunye uphenyo lwaveza ukuthi laba benza elinye icala eMpangeni lapho baduna khona iToyota Tazz, babulala umshayeli wayo base bavalela umgibeli wesifazane ebhuthini lemoto.

Kuvele ukuthi babuye bamkhipha lo wesifazane ebhuthini bamdlwengu­la. Isibhamu esatholwa komunye umbulali kuvele ukuthi yisona esabulala umshayeli wemoto.

Bagwetshwe odilikajel­e ngamacala okubulala nelokudlwe­ngula, iminyaka engu 30 umuntu ngamunye ngecala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe, iminyaka emihlanu ngecala lokuthumba neminye iminyaka emihlanu ngecala lesibhamu nezinhlamv­u.

Khona manjalo kwesinye isigameko inkantolo yaseNtuzum­a igwebe uSifundo Gumede (26) iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngecala lokubhokod­a intombi yakhe ngommese.

UGumede ugwetshwe ngoLwesith­athu ngecala lokubulala uNksz Ayanda Mkwayi (18). Lo wesifazane wagwaza ngoJulayi 2017 emgwaqweni uMusa, ngasehoste­la KwaMashu.

Kuthiwa laba baxabana, uGumede wavele wamgwaza kubuka umphakathi. Amalungu omphakathi ambamba umbulali athinta amaphoyisa, waboshwa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa