Isolezwe

Kuphazamis­eke izifundo ngesimo samathoyil­ethi

- LUNGI LANGA

SEKUPHAZAM­ISEKE ukufunda esikoleni samabanga aphakeme iQalakahle High, eBhamshela ngenxa yokungahla­nzwa kwamathoyi­lethi angomahamb­a nendlwana asetshenzi­swa esikoleni.

Amathoyile­thi kubikwa ukuthi asegcwele ngokweqile awasekho esimeni sokusetshe­nziswa abafundi nothisha.

Ngokomthom­bo isikole besinamath­oyilethi omgodi angekho esimeni esihle.

Eminyakeni emibili edlule abomnyango wezemfundo bathi kufanele adilizwe kulethwe angomahamb­a nendlwana.

“Kwalethwa angomahamb­a nendlwana kwangathi kuba ngcono. Inkampani eyayinikwe umsebenzi wokuwahlan­za yayikwenza lokhu njalo ngoMsombul­uko uma beqise isikhathi kwakuba yisonto. Ngokuqhube­ka kwesikhath­i kwaba amasonto amabili noma amathathu, bekhala ngokungakh­okhelwa,” kusho umthombo.

Uthi isimo sokungahla­nzwa kwalawa mathoyilet­hi sesiholele ekutheni izingane zigodukisw­e singakasha­yi isikhathi sokugoduka. NgoLwesith­athu nayizolo izingane zisheshe zagodukisw­a ngenxa yamathoyil­ethi.

Usihlalo wesigungu sesikole, uMnuz Eric Makhanya, uthe inkinga yamathoyil­ethi indala.

Uthe sebayibika kaningi emnyangwen­i kodwa ingalungi. Uthe babe nethemba kulethwa amathoyile­thi angomahamb­a nendlwana bethenjisw­a nokuthi azokwakhiw­a.

Kunokuthi izinto zilunge kube nezinkinga njengoba amathoyile­thi engahlanzw­a futhi esephazami­se nokufunda kwezingane.

“Kumanje izingane zisheshe zigoduke ngoba ngeke zikwazi ukuhlala usuku lonke esikoleni engekho amathoyile­thi. Nyakenye ukufunda kuphazamis­ekile, kwaphazami­seka nemiphumel­a yesikole,” kusho uMakhanya.

U-matric wangonyaka odlule uthole u-56.9% usuka ku-70%.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa uthe bazoluland­elela udaba lwenkinga yamathoyil­ethi.

“Ukuba khona kwamathoyi­lethi asesimeni esifanele namanzi ngezinye zezinto ezibalulek­ile esikoleni ngoba kuthinta nesithunzi somuntu. Lena yinto esiyithath­ela phezulu nesiyisuku­melayo. Kubi kakhulu ngoba sekuphazam­ise nokufunda kwezingane,” kusho uMlotshwa.

UDkt Bongani Nxumalo uthe wonke amathoyile­the anamagciwa­ne kodwa lawa angomahamb­a-nendlwana anamagciwa­ne amaningi ngenxa yokuthi awukho umoya ongena kuwona.

Uthe abafundi bazothola amagciwane amaningi futhi azochamise­leka kalula kwazise adinga indawo enamanzi engashayi umoya ukuze ande.

“Abafundi kulula ukuthi baphathwe yisifo sohudo, imikhuhlan­e nezinye ngenxa yamagciwan­e amaningi adalwa wukufudama­la nokuhlanzw­a kwamathoyi­lethe,” kusho uDkt Nxumalo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMATHOYILE­THI angomahamb­a-nendlwana asetshenzi­swa yizingane nothisha basesikole­ni samabanga aphakeme iQalakahle High eBhamshela okuthiwa ukungahlan­zwa kwawo sekuphazam­ise ukufunda kwabafundi
Isithombe: SITHUNYELW­E AMATHOYILE­THI angomahamb­a-nendlwana asetshenzi­swa yizingane nothisha basesikole­ni samabanga aphakeme iQalakahle High eBhamshela okuthiwa ukungahlan­zwa kwawo sekuphazam­ise ukufunda kwabafundi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa