Bakwamukele okuphakanyiswe yiSace
SAMUKELWE nguMnyango wezeMfundo isiphakamiso somkhandlu olawula othisha, iSace, sokuthi abafuna ukubhaliswa kulo mkhandlu kumele baveze ubufakazi bamaphoyisa bokuthi abakaze balahlwe amacala.
Lo mkhandlu uphakamise ukuthi ngaphambi kokubhalisa othisha kumele baveze incwadi yamaphoyisa ezosho ukuthi abakaze babekwe amacala. Inhloso wukuqeda ngothisha asebake balahlwa amacala athinta ucansi.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe njengoba iSace ingaphansi kwabo bayahambisana nakho konke ekuphakamisayo.
“Zandile izehlakalo zothisha abahlukumeza abafundi yingakho kukuhle ukuthi babanjwe bengakafiki ezikoleni. Kubalulekile ukuthi othisha baveze ukuthi sebeke balahlwa yini amacala ukuze singavumeli noma ngubani ukuthi abe nguthisha,” kusho uMhlanga.
Okhulumela iSace, uMnuz Themba Ndhlovu, uthe bafaka le mibandela okulindeleke ukuthi iqale ngonyaka ozayo ngenxa yokwanda kwamacala athinta othisha abalala nabafundi.
Uthe bafuna ukuthi abazoqala ukufundela ubuthisha bakwazi zisuka nje.
Uqhube wathi amacala abikwayo ngasuke enziwe ngothisha besilisa abaneminyaka ephakathi kuka-35 no-54.
Uthe angu-99 amacala abikiwe ngo-2016 kulo mkhandlu wathi kukhona nawokudlwengula.
“Okwamanje umuntu uyasho nje uma ebhalisa ukuthi likhona noma alikho icala eselike lamlahla. Manje sizofuna ubufakazi obushoyo ukuthi akakaze alahlwe yicala. Phambilini othisha bokufika obekudingeka ukuthi bathole le ncwadi yamaphoyisa kodwa manje sifuna wonke umuntu abe nayo,” kusho uNdhlovu.
UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe into efuze le kumele ixoxwe emkhandlwini lapho kubhungwa khona izinto zothisha bese kuvunyelwana ngayo.
“Okwamanje ibingakafinyeleli kulesi sigaba ngoba sifuna ukwazi ukuthi akwenele yini ukusho uma ufaka isicelo somsebenzi kwifomu iZ83 ukuthi likhona yini icala eselike lakulahla,” kusho uNksz Caluza.
UMnuz Allen Thompson, iphini likamengameli weNatu, uthe zikhona ezinye izindlela abangazisebenzisa kunalokhu abakuphakamisile.
“Asazi ukuthi lezi ziphakamiso zizosiza ngani ukuthuthukisa imfundo, kumele sihlelele izinto ezilekelela othisha ukuthi benze kahle. Ayikaze le ndaba ingene emkhandlwini wothisha.”