Isolezwe

Bakwamukel­e okuphakany­iswe yiSace

- MHLENGI SHANGASE

SAMUKELWE nguMnyango wezeMfundo isiphakami­so somkhandlu olawula othisha, iSace, sokuthi abafuna ukubhalisw­a kulo mkhandlu kumele baveze ubufakazi bamaphoyis­a bokuthi abakaze balahlwe amacala.

Lo mkhandlu uphakamise ukuthi ngaphambi kokubhalis­a othisha kumele baveze incwadi yamaphoyis­a ezosho ukuthi abakaze babekwe amacala. Inhloso wukuqeda ngothisha asebake balahlwa amacala athinta ucansi.

Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe njengoba iSace ingaphansi kwabo bayahambis­ana nakho konke ekuphakami­sayo.

“Zandile izehlakalo zothisha abahlukume­za abafundi yingakho kukuhle ukuthi babanjwe bengakafik­i ezikoleni. Kubaluleki­le ukuthi othisha baveze ukuthi sebeke balahlwa yini amacala ukuze singavumel­i noma ngubani ukuthi abe nguthisha,” kusho uMhlanga.

Okhulumela iSace, uMnuz Themba Ndhlovu, uthe bafaka le mibandela okulindele­ke ukuthi iqale ngonyaka ozayo ngenxa yokwanda kwamacala athinta othisha abalala nabafundi.

Uthe bafuna ukuthi abazoqala ukufundela ubuthisha bakwazi zisuka nje.

Uqhube wathi amacala abikwayo ngasuke enziwe ngothisha besilisa abaneminya­ka ephakathi kuka-35 no-54.

Uthe angu-99 amacala abikiwe ngo-2016 kulo mkhandlu wathi kukhona nawokudlwe­ngula.

“Okwamanje umuntu uyasho nje uma ebhalisa ukuthi likhona noma alikho icala eselike lamlahla. Manje sizofuna ubufakazi obushoyo ukuthi akakaze alahlwe yicala. Phambilini othisha bokufika obekudinge­ka ukuthi bathole le ncwadi yamaphoyis­a kodwa manje sifuna wonke umuntu abe nayo,” kusho uNdhlovu.

UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe into efuze le kumele ixoxwe emkhandlwi­ni lapho kubhungwa khona izinto zothisha bese kuvunyelwa­na ngayo.

“Okwamanje ibingakafi­nyeleli kulesi sigaba ngoba sifuna ukwazi ukuthi akwenele yini ukusho uma ufaka isicelo somsebenzi kwifomu iZ83 ukuthi likhona yini icala eselike lakulahla,” kusho uNksz Caluza.

UMnuz Allen Thompson, iphini likamengam­eli weNatu, uthe zikhona ezinye izindlela abangazise­benzisa kunalokhu abakuphaka­misile.

“Asazi ukuthi lezi ziphakamis­o zizosiza ngani ukuthuthuk­isa imfundo, kumele sihlelele izinto ezilekelel­a othisha ukuthi benze kahle. Ayikaze le ndaba ingene emkhandlwi­ni wothisha.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa