Isolezwe

Kulindwe isigungu ngoMahumap­elo

- BALDWIN NDABA

UNDUNANKUL­U waseNorth West uMnuz Supra Mahumapelo usazohlala esikhundle­ni okwamanje yize kuqhubeka imibhikish­o ehambisana nodlame lwabantu abafuna ehle kuso.

Izolo bekunombhi­kisho enhlokodol­obha yaseNorth West, iMahikeng nabantu bebezitape­la izimpahla ezitolo.

Abantu bebegqoke izikibha ze-ANC, bethi bafuna uMahumapel­o ehle esikhundle­ni ngoba uyakhwaban­isa.

UNobhala we-ANC eNorth West, uNksz Suzan Dantjie uthe imibhikish­o ihlelwe ngabafuna ukufeza izinhloso zabo besebenzis­a umphakathi.

“Abantu ababhikish­ayo siyabazi, kade babefuna ukuketula uMahumapel­o. Bayaqhubek­a basebenzis­a umphakathi ukufeza izinhloso zabo. Kudala babezibiza ngeNorth West Business Forum manje sebezibiza ngeRevolut­ionary Council,” kusho uNksz Dantjie.

Ucele amaqembu aphikisayo ukuthi anike i-ANC isikhathi sokulungis­a izinkinga zayo wathi abafuni ukutshelwa ukuthi benzeni.

Imithombo itshele i-Independen­t Media ukuthi amalungu e-ANC esiShayamt­hetho ayalelwe ukuthi angavoti ne-EFF uma sekuvotelw­a ukungabuth­embi ubuholi bukaMahuma­pelo.

Kuthiwa amalungu e-ANC atshelwe ukuthi angenzi lutho kuze kungenelel­e ubuholi obuphezulu odabeni lwaseNorth West.

Imithombo ithi ubuholi obubhekele­le ukusebenza kweANC buphenya ngenkohlak­alo esolwa kuMahumape­lo nokuthi kungani engamiswan­ga uDkt Thabo Lekalakala emsebenzin­i emuva kokuthi engalandel­anga imithetho yokuthengw­a kwempahla ngesikhath­i ekhipha ithenda kaR180 million.

Le thenda yanikezwa inkampani ehlanganis­wa nomndeni wakwaGupta iMediosa.

Kuthiwa ikomidi elibhekele­le ukusebenza kwe-ANC lizobe liKwaZulu-Natal ngeSonto nangoMsomb­uluko ukulungisa udaba lwamalungu angahambis­ani noMengamel­i wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa.

“Basithembi­se ukuthi uma bebuya KwaZulu-Natal bazoza lapha eNorth West ukuzolungi­sa izinkinga esinazo,” kusho umthombo.

Uthe i-ANC izophinde ihlangane namadlelan­dawonye ayo iSACP, Sanco neCosatu ngaphambi kokuthatha isinqumo ngekusasa likaMahuma­pelo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa