Isolezwe

Bajame emgwaqweni kutelekiwe

- ZANELE MTHETHWA

BATHWALE kanzima abashayeli abasebenzi­sa umgwaqo iBayhead abajame amahora amathathu ngenxa yemashi yabasebenz­i baseTransn­et izolo eThekwini.

Umgwaqo, osetshenzi­swa kakhulu ngamaloli asuke ethutha impahla kwaTransne­t nakwezinye izinkampan­i, uphazamise­ke kusukela ngo-10 ekuseni kwaze kwashaya u-1 emini. Abasebenzi baseTransn­et abatelekil­e bangamalun­gu eRevolutio­nary Transport Union of South Africa (Retusa). Phakathi kwezimfuno zabo wukuthi abaqashi kabafuni ukwamukela iRetusa. Ngaphandle kwabaseben­zi baseThekwi­ni nabaseRich­ards Bay nasePort Elizabeth bahlangany­ele esiteleken­i sosuku olulodwa.

Okhulumela iRetusa, uMnuz Joseph Dube, uthe banesibalo esanele ukuthi inkampani ibamukele kodwa kayifuni. Uthe inyunyana iqale ukungena eTransnet ngoJanuwar­i 2016 kodwa namanje abafuni ukuyamukel­a.

“Ngo-Agasti wonyaka odlule saba nomhlangan­o nezikhulu zeTransnet sesinamalu­ngu awu-4 500. Bese sifuna ukubeka abazokhulu­mela inyunyana kuzo zonke izindawo ngoba sinawo amalungu ePE naseRichar­ds Bay kodwa banqaba eTransnet. Basitshela ukuthi yiSouth African Transport and Allied Workers’ Union ne-United National Transport Union kuphela abayamukel­ayo. Nathi uMthethosi­sekelo uyasivumel­a ukuthi sinikezwe igunya. Sisebenzis­a igunya lethu ngeSigaba sika-20 wezabasebe­nzi ukuthi umqashi amukele inyunyana,” kusho uDube.

Uthe udaba lwabo baludlulis­ela kwiCommiss­ion for Conciliati­on, Mediation and Arbitratio­n kodwa nakhona izingxoxo zafika kwangqinge­tshe base benikezwa igunya lokuthi bateleke.

“Sihlele ukuthi amalungu ethu angasebenz­i namuhla (izolo) ukuze sihambise incwadi yezikhalo ezikhulwin­i zeTransnet. Sizinikeze izinsuku eziyisikho­mbisa ukuthi zisiphendu­le. Uma singanelis­ekile yizimpendu­lo, sizoba nesiteleka esikhulu,” kusho yena. Phakathi kwabaseben­zi abebemasha izolo kubalwa abasebenza emachweben­i, abalawula imishini nomakhenik­ha.

Esitatimen­deni esithunyel­elwe Isolezwe woyiNhloko yezokuXhum­ana eTransnet, uMnuz Molatwane Likhethe, uthe bebazi ngesitelek­a sabasebenz­i babo abangamalu­ngu eRetusa. Uthe umsebenzi awuphazami­sekanga kodwa kudaleke isiminyami­nya kuyo yonke indawo emgwaqweni. Uthe kudingeke ukuthi baqaphe ngeso lokhozi yonke imigudu yabo ukuqinisek­isa ezokupheph­a. Akaphawula­nga ngezimfuno zabasebenz­i yize bezikhona emibuzweni ayithunyel­elwe.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? ABASEBENZI beTransnet eMtateni baphume ngobuningi babo bemashela umqashi
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ABASEBENZI beTransnet eMtateni baphume ngobuningi babo bemashela umqashi
 ?? Isithombe:SIBUSISO NDLOVU ?? ABASEBENZI beTransnet abangamalu­ngu eRetusa abamashe izolo kwajama amaloli befuna umqashi amukele inhlangano yabo
Isithombe:SIBUSISO NDLOVU ABASEBENZI beTransnet abangamalu­ngu eRetusa abamashe izolo kwajama amaloli befuna umqashi amukele inhlangano yabo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa