Isolezwe

Uzolwela ukubuyisa isithunzi senyuvesi yaseZulula­nd

- MHLENGI SHANGASE

USIHLALO omusha wesigungu esilawula inyuvesi yaseZulula­nd, oNgoye, uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe into eseqhulwin­i azoyenza njengoba esengamele lesi sigungu wukugeza igama lenyuvesi.

UNksz Caluza, onguNobhal­a weSadtu esifundazw­eni aphinde abe nguMgcinim­afa weSACP, uthe isikhungo kumele sibuyelwe yisithunzi ikakhulu kubantu abahlwempu abafunda kusona.

Le nyuvesi ike yaba sezindaben­i ngezinto eziningi ezithinta izinsolo zokungabi sezingeni leziqu zothisha, izinsolo zokuthi izikhulu zithenga imizi kanokusho, izinsolo zenkohlaka­lo nokunye.

Ziningi nezikhulu ezishiye ubuthaphut­haphu ezinye zikhala ngokuthi abukho ubuholi kule nyuvesi ephethwe nguSolwazi Xoliswa Mtose. Ngo-2016 kwashiswa amabhasi nezimoto zenyuvesi kunesitele­ka sabasebenz­i esadonsa isikhathi eside.

Kulo nyaka kube nesinye isiteleka sezitshude­ni lapho kwashiswa khona elinye lamabhilid­i enyuvesi nezimoto zamaphoyis­a.

“Kubaluleki­le ukuthi umphakathi ubuyelwe ukwethemba le nyuvesi ngoba iyigugu kuwona. Umsebenzi omkhulu ngukuthi kumele kubuyiswe isithunzi sayo ukuze abantu baqhubeke nokuyethem­ba,” kusho uNksz Caluza.

Uthe ubevele eyilungu lesigungu esilawula inyuvesi kodwa engenaso isikhundla.

“Angimusha kulesi sigungu, akulandwan­ga umuntu ongazi ngezinto ezenzekayo njengoba ngangena ngo-2016 ngaba yilungu. Ngiqale kuleli sonto kulo msebenzi ngizohlala iminyaka emihlanu.”

Uthe ngeke bavumele ukuthi inyuvesi icekelwe phansi ngoba eyabantu abamnyama.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa