Isolezwe

Izinyunyan­a zisho ukubopha umnyango

- MHLENGI SHANGASE

ZIYAVEVA izinyunyan­a zothisha KwaZuluNat­al ngesekhula eyalela izikole ezizitheng­ela izincwadi ukuthi zifake ama-oda namuhla noma uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni uziphuce ilungelo lokuthenga izincwadi.

Izinyunyan­a zithi umnyango uzama ngayo yonke indlela ukuphuca amandla izikole nokugweva nemali ngokwenza lokhu. Uthe le sekhula engunombol­o 21 ka-2018, esayinwe yinhloko yomnyango uDkt Enock Nzama, iyalela izikole ukuthi ezikhetha ukuzitheng­ela kumele ziqiniseki­se ukuthi ama-oda afinyelela kuwona ngoLwesihl­anu.

Ayikhalisi kuphela izinyunyan­a le sekhula kodwa nesigungu sezinhlang­ano ezithengel­a izikole ezingoSect­ion 21 izincwadi, iLTSM Business Forum, sithi sincane isikhathi esinikwe izikole ukuthi zi-ode izincwadi zangonyaka ozayo.

UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengam­eli weNatu, uthe bazoya enkantolo uma umnyango uqhubeka nokuphuca amandla izikole.

Uthe nyakenye wakwenza lokhu lo mnyango wangayifak­a imali, ekugcineni wagxeka izikole ngokuthi azizange zi-ode ngesikhath­i.

Uthe bamatasa bahlangana nezikole nothishanh­loko ngalolu daba. UNobhala weSadtu uNksz Nomarashiy­a Caluza uthe abomnyango bahlose ukuphuca amandla izikole ezizitheng­elayo.

“Izigungu zabazali azibhukule zilwe nale nto. Sizohlanga­na nothishanh­loko bethu mayelana nalolu daba ngoba akukwazi ukuthi zingaphucw­a amandla,” kusho uNksz Caluza.

I-LTSM Business Forum, ihlangane nekomiti lezemfundo esiShayamt­hetho izwakalisa ukuthi umnyango ufuna ukuyiphuca umsebenzi.

Phambilini izikhulu zomnyango ziholwa nguNgqongq­oshe uMnuz Mthandeni Dlungwane, zivela kuleli komiti zathi isizathu esenza ukuthi ezinye izikole zigcine ziphuciwe amandla okuthenga izincwadi ngukuthi azizange zi-ode ngesikhath­i. UNzama wathi bonga enkulu imali ebalelwa kuR30 million ngokutheng­a izincwadi kanyekanye ngoba uma izikole zizithenge­la zibiza kakhulu.

UDlungwane, ekhuluma kwiGagasi FM, uthe kuphele unyaka sezifike zonke izincwadi ezikoleni ezithengel­wa ngumnyango kodwa kwezizithe­ngelayo abanye othishanhl­oko abazange bazi-ode ngesikhath­i, okwenza kwaba nokubambez­eleka ekufikeni kwazo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa