Isolezwe

Ikomiti lichithe eyentela yezicebi zodwa

- BONISWA MOHALE

NGEKE bakhokhe intela eyengeziwe omacaphuna­kusale baseNingiz­imu Afrika emuva kokuthi iJaji uDennis Davis lithe leli alikulunge­le ukuqoqa intela yabacebile bodwa.

Ikomiti likaDavis belibheka ukuthi bafanele yini ukukhokha intela yabo eseceleni abacebile kodwa lafinyelel­a ekutheni akukho okufanele kushintshe.

Yize uDavis evumile ukuthi igebe eliphakath­i kwabacebil­e nabampofu likhulu futhi lidalwa wukuthi abanye kudala bathola umcebo kodwa uthe akufanele abantu bakhokhisw­e intela yabo bodwa.

“Abacebile bakhokha intela yezimpahla, bayanikela, bakhokhela intela uma behweba ezimakethe. Ukuqoqwa kwentela yezigwili yinto esingakalu­ngeli ukuyenza siyizwe futhi kusazothat­ha isikhathi,” kusho uDavis.

Uthe ngaphambi kokuthi kube nentela yezicebi kufanele kube nocwaningo nendlela ecacile yokuqoqa le ntela.

UNobhalala Jikelele weCongress of South African Federation of Trade Unions (Saftu), uMnuz Zwelinzima Vavi uthe baphoxekil­e ngokushiwo wuDavis ngoba imali yezicebi izosiza ukunciphis­a igebe phakathi kwabampofu nabamnyama.

“Lisiphoxil­e ikomiti likaDavis ngoba abacebile kufanele bakhokhe intela ukuze sikwazi ukukhokhel­a imfundo yamahhala, abantu bathole izindlu nokunye abakudinga­yo,” kusho uVavi.

Uthe iyabacika nendaba yokuthi osomabhizi­nisi bakhala ngokuthi uma bekhokhisw­a intela yezicebi bazobaleka kuleli.

IBusiness Unity South Africa (Busa) ithe ukukhokhis­wa intela kwabacebil­e kuzobaleki­sa abatshaliz­imali, iyajabula ngeziphaka­miso zikaDavis. UNkk Tanya Cohen weBusa uthe aziziningi izicebi eNingizimu Afrika ngakho ngeke ilunge intela yezicebi.

Uthe kufanele kuqoqwe ulwazi ngabakhokh­i bentela bese abafihla imininingw­ane ethile bajeziswe.

USolwazi Bonke Dumisa uthe uvumelana noDavis ukuthi okwamanje iNingizimu Afrika ayikwazi ukuqoqa intela yabacebile bodwa ngoba kunabantu abakhokha intela eningi ngenxa yeholo labo kodwa bebe bengacebil­e.

“Kudala ngangingav­umelani nabo ukuthi kunyuswe iVAT kodwa manje sengiyavum­elana nabo njengoba igcine inyusiwe.

Intela yezigwili zodwa ayikwazi ukukhokhwa okwamanje ngoba ababaningi abantu abacebile eNingizimu Afrika futhi akucaci ukuthi izokwenziw­a kanjani,” kusho uDumisa

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa