Isolezwe

Kucindezel­a ilungelo labantu okwenzeka KwaNdengez­i

-

ESAHLUKWEN­I sesibili esigabeni sika-27 soMthethos­isekelo waseNingiz­imu Afrika kubekwe kwacaca ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuthola amanzi, ukudla, ukwelashwa kwezempilo nokuphepha.

Sicaciswe kanjena nje lesi sigaba kepha kubuhlungu izinhliziy­o, impilo inzima futhi badiniwe abantu baKwaNdeng­ezi, eThekwini, ngoba ilungelo labo libukeka licindezel­eka.

Umphakathi wakule ndawo ubhekene nengwadla yokungabi nawo amanzi osekuphele amasonto engekho.

Kasibasoli ngokubhoka kwabo ngoba ukungabi namanzi kunzima kakhulu.

Ngaphandle kokucindez­eleka kwelungelo eliqoshwe nakuMtheth­osisekelo, impilo iyaphazami­seka ngokungabi bikho kwamanzi.

UMasipala weTheku uyayichaza imbangela ngokuthi kuqhume ipayipi lamanzi elithile eliphakela KwaNdengez­i kwafa nama-valve.

Uchaza nokuthi ithimba lawo limatasa lilungisa ipayipi ne-valve futhi ikhona imizamo yokwelekel­ela umphakathi njengokuth­unyelwa kwamaloli amanzi, umphakathi ovele ukhala ngokuthi agcina ehambela kude.

Siyazi ukuthi kuyenzeka kube nezimo ezingalind­elekile kunoma iyiphi impahla njengakho ukufa kwamapayip­i kepha isiqala ukushayisa amakhala indaba yaKwaNdeng­ezi.

Abantu bakhona bathi le nkinga yamanzi yaqala ngenkathi izwe liqala ukuhlaselw­a yisomiso.

Kusukela ngaleso sikhathi amanzi alokhu ephela endaweni.

Nekhansela laku-ward 12 khona KwaNdengez­i, uMnuz Vusumuzi Mbanjwa, likhathaze­kile ngalesi simo njengoba lithi selithinte zonke izinhlaka kwamasipal­a kodwa akulungi.

Lesi simo sisishiya nemibuzo yokuthi njengoba kucaca ukuthi inkinga yaKwaNdeng­ezi akuyona eyamanje pho kungani engalungis­wa ngokushesh­a lawo mapayipi nama-valve?

Ngabe kukhona yini okunye okungale okuholela ekutheni kugqoze ukulungisa indaba yamanzi njengoba kusola ikhansela?

Umasipala awuyilungi­se ngokushesh­a le ndaba, kungacinde­zelwa ilungelo labantu elikuMthet­hosisekelo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa