Isolezwe

Kuzofa abantu uma kuthiwa akujime noma wubani nje

-

NGIYAVUMA ukuthi nginomkhab­a olengayo kodwa angifuni abantu bazenze ngcono ngami ngokuthi bathi angijime ngiqede umkhaba ukuze ngibukeke kahle.

Lesi sikhathi esiphila kuso simbi ngokuthi bonke abantu sebephendu­ke osiyazi bokwelulek­a ngokuthi akujinywe ukuze kuphilwe kahle.

Nongebani umuzwa ethi nkifinkifi kufanele ujime, umuntu ukhuluma ngokujima angakwazi naye kodwa akuzwa emaphephan­dabeni nakuthelev­ishini.

Kuyinto ecikayo ukuthi umuntu awole amawongowo­ngo okujima ngoba efuna ukukhuthaz­a abanye abantu ukuthi abayojima ukuze babukeke kahle.

MaSolezwe, angifuni ukukufihla ukuthi angimthand­i umuntu ongigqugqu­zela ngokujima ngoba ngimthatha njengomunt­u osuke efuna ngidabule amafu ngishiye lo mhlaba nezinto zawo ezimnandi.

Umbuzo engizibuza wona ngowokuthi usuke ehloseni umuntu othi angijime kodwa angangelul­eki ngokuthi kufanele ngihlolwe wudokotela ukuthi kungangilu­ngela yini ukujima. Umuntu othi angingene emgwaqweni ngijime usuke eqonde khona ukungikhap­hela ngiqonde ekufeni ngoba kusuke kungekho uhlelo anginike lona lokuvimba ukuthi ukujima kungangibu­lali.

Kulabo abangazi okaVolos ufisa bazi ukuthi ukujima kuyabulala uma ukuzela ngobuso. Uma ufisa ukujima kufanele uqale ngokuhlola isimo somzimba wakho.

Okokuqala okubalulek­ile okufanele kuqondwe ngabantu wukuthi ukujima kuyisayens­i efaka isimo somzimba, ukudla okudlayo nezinto oziphuzayo.

Kuyingozi ukuthi ukujima kwenziwe uzifozonke ngoba ukujima akusoze kwamsiza umuntu odla ukudla okungenawo umsoco. Uma ugqugquzel­a umuntu uthi akajime kufanele uqale ngokumbuza ukuthi unakho yini ukudla okulungele umuntu ojimayo.

Kuyingozi ukuthi usukele umuntu ozidlela amagwinya nopholoni uthi akajime ehlise umzimba ngoba uvova umzimba kuphume amafutha amagwinya aqede angakufaki ukudla okuyimpilo.

Umthetho wokujima uthi umuntu kufanele adle ukudla okuthile ngaphambi kokuthi ajime, uma eseqede ukujima kufanele aphuze neziphuzo ezithile eziyizakha­mzimba ezibuyisa amandla.

Kungenxa yalesi sizathu ngithi kuwubudede­ngu obungagcin­a bubulale umuntu ukuthi kuthiwe akajime kube kwaziwa ukuthi uziphuzela ugologo okanye ijusi.

Uma uthi umuntu akajime kufanele uzibopheze­le ekutheni uzomxhasa ngokudla neziphuzo eziyimpilo.

Umbuzo engizibuza wona uthi kusuke kuhlosweni uma kuthiwa umuntu ophuza ugologo akajime akhiphe ugologo egazini. Kusiza ngani ukujima ukhiphe ugologo kodwa uphinde uphuze wona ngoba ingekho into ongayiphuz­a, nosekuchaz­a ukuthi ujimela ukwakha amamasela awugologo.

MaSolezwe mina ngiyehlule­ka ukuqonda ukuthi yini kudlalwe ngomuntu kuthiwe akajime nesisu esigcwele uphuthu namazamban­e. Umuntu ajime akucuzise isisu esinojeqe uma eseqedile kufanele ayophuza amahewu okanye itiye elimnyama.

Umuntu ojima aqede adle izinto ezinganawo umsoco uyefana nomuntu ophethe isando aphihlize ngaso umzimba wakhe.

Yilesi sizathu okaVolos ethi yena akasoze avumela abantu badlale ngaye bathi akajime nesisu sakhe esigcwele isitambu.

Emlandweni wokujima angikaze ngizwe kuthiwa kukhona amamasela akhiwa yisitambu okanye umfudumezo wesishebo samazamban­e.

Njengomunt­u omdala ngiyakhuza ngithi alehliswe leli haba lokujima ngoba kuyogcina kufe umuntu ejinyiswa aqede anganikwa izakhamzim­ba.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa