Yonakele impilo yami ngenkinga ye-ID
MHLELI: Bengicela usizo lwenu kule nkinga engibhekene nayo. Mina nodadewethu omncane senza izitifiketi zokuzalwa kanye kanye, zabuya ziphambene esikadadewethu sibiza igama lami, esami sibiza igama lakhe nobulili bakhe kodwa iminyaka ingeyami.
Ngizamile ukuyilungisa le nto kodwa akukaze kulunge. Ngiye eMnyangweni wezaseKhaya Eshowe ngo-2012 bangitshela ukuthi sengimdala ngeke bangilungisele isitifiketi kodwa angenze i-ID.
Ngikwenzile lokho ngo-2012 bafuna imali yokushintsha lezi zinto nencwadi ephuma esikoleni lapho ebengenza khona amabanga abaphansi, incwadi yasemaphoyiseni nenye abathi angiyifune kudokotela.
Konke lokho ngakwenza bangilindisa izinyanga eziyisithupha, kodwa kwathi uma ngibuyela bangitshela ukuthi izinto zami azikalungi.
Ngihlalile ngilokhu ngibuyela kodwa bengibuyisela emuva.
Kwala noma sengisho ukuthi ngenza u-matric ngifuna ukuyobhalisa ukuze ngibhale izivivinyo zami kodwa ngatshelwa ukuthi angibhalise ngale ID ekhona ngoba ayonakele, kuphela kuphambene ubulili, bathi i-ID izobuya sekulunge konke, kodwa lutho.
Kuze kube yimanje bangitshela izinto ezingafani. Abanye bebengitshela ukuthi abayazi le nto bangibuyisele emuva. Abanye bangifune izinto ngizihambise, babuye bathi akulungi.
Kumanje ngihleli angikwazi kwenza lutho ingekho i-ID.
Ziningi izinto ezingeqayo njengoba ngingena-ID. Le nto isingihluphe kakhulu manje ngoba impilo yami imile angikwazi ukufeza izifiso zami.
Kumanje ngiyaphila nje ngoba nginabantu abangisizayo. Mhlawumbe ukube abekho eduze kwami ngabe kuningi okubi esengikwenzile.
Yingakho sengikhethe ukubhalela abezindaba ngoba nginethemba lokuthi ningakwazi ukungisiza, ngiyabonga