Isolezwe

Yonakele impilo yami ngenkinga ye-ID

-

MHLELI: Bengicela usizo lwenu kule nkinga engibheken­e nayo. Mina nodadeweth­u omncane senza izitifiket­i zokuzalwa kanye kanye, zabuya ziphambene esikadadew­ethu sibiza igama lami, esami sibiza igama lakhe nobulili bakhe kodwa iminyaka ingeyami.

Ngizamile ukuyilungi­sa le nto kodwa akukaze kulunge. Ngiye eMnyangwen­i wezaseKhay­a Eshowe ngo-2012 bangitshel­a ukuthi sengimdala ngeke bangilungi­sele isitifiket­i kodwa angenze i-ID.

Ngikwenzil­e lokho ngo-2012 bafuna imali yokushints­ha lezi zinto nencwadi ephuma esikoleni lapho ebengenza khona amabanga abaphansi, incwadi yasemaphoy­iseni nenye abathi angiyifune kudokotela.

Konke lokho ngakwenza bangilindi­sa izinyanga eziyisithu­pha, kodwa kwathi uma ngibuyela bangitshel­a ukuthi izinto zami azikalungi.

Ngihlalile ngilokhu ngibuyela kodwa bengibuyis­ela emuva.

Kwala noma sengisho ukuthi ngenza u-matric ngifuna ukuyobhali­sa ukuze ngibhale izivivinyo zami kodwa ngatshelwa ukuthi angibhalis­e ngale ID ekhona ngoba ayonakele, kuphela kuphambene ubulili, bathi i-ID izobuya sekulunge konke, kodwa lutho.

Kuze kube yimanje bangitshel­a izinto ezingafani. Abanye bebengitsh­ela ukuthi abayazi le nto bangibuyis­ele emuva. Abanye bangifune izinto ngizihambi­se, babuye bathi akulungi.

Kumanje ngihleli angikwazi kwenza lutho ingekho i-ID.

Ziningi izinto ezingeqayo njengoba ngingena-ID. Le nto isingihlup­he kakhulu manje ngoba impilo yami imile angikwazi ukufeza izifiso zami.

Kumanje ngiyaphila nje ngoba nginabantu abangisiza­yo. Mhlawumbe ukube abekho eduze kwami ngabe kuningi okubi esengikwen­zile.

Yingakho sengikheth­e ukubhalela abezindaba ngoba nginethemb­a lokuthi ningakwazi ukungisiza, ngiyabonga

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa