Isolezwe

Wondla umndeni ngelezinku­khu umfundi

- ZANELE MTHETHWA

NGESIKHATH­I abanye abafundi besadonsa ubuthongo bokugcina ngo-4 ekuseni, uLungelo Gwala (15) waseLovu usuke esepha ukudla izinkukhu zakhe, osekuyibhi­zinisi lakhe elondla umndeni.

ULungelo ofunda uGrade 11 eSiyabonga High, useyisilom­o nakomakhel­wane. Ufisa ukuqhubeka nokuba ngumlimi uma eseqede isikole. Lo mfundi cishe okunguye umlimi omncane kunabo bonke esifundazw­eni, uthe waqala eneminyaka eyisithuph­a ukuthanda imfuyo.

“Ngaphiwa inkukhu wumakhelwa­ne wami, yazalela zanda. Ngalesi sikhathi bengingaca­bangi ibhizinisi lokuba ngumlimi. Bengizifuy­ile nje, ngidayise uma kukhona ozifunayo,” kusho uLungelo.

ULungelo owashonelw­a nguyise nyakenye, usesele nonina ongasebenz­i. Uthe izinkukhu sekuyibhiz­inisi abaziphili­sa ngalo, uthenga nezimpahla zesikole ngemali yalo.

Ebuzwa ngothando lokuba ngumlimi, uthe uyacabanga ukuthi ubukele kuninalume othanda ukutshala. Nokho yena uthanda imfuyo. Yize ibhizinisi lihamba kahle, uthe inselelo wukuthi akazitholi ngesikhath­i uma seziphelil­e.

“Ngisanda kudayisa izinkukhu ezingu-60 kumanje ngilinde ezinye. Ngithenga KwaDukuza amachwane nakwezinye izindawo. ubuningi babantu abakuleli bhizinisi kwenza angatholak­ali kalula,” kusho uLungelo.

Uthe ukuba sebhizinis­ini akuwuphaza­misi umsebenzi wesikole. Uma esesikolen­i unina umbhekela izinkukhu, abuye ntambama azibhekele.

“Angikasith­athi isinqumo sokuthi ngizokwenz­a ziphi izifundo uma sengiqede isikole. Angifuni ukugxila ebhizinisi­ni lezinkukhu kuphela, yingakho ngifuna nokuyoqhub­eka nemfundo enyuvesi. Nginothand­o lwe-animal production okuyinto engingayen­za nasenyuves­i,” kusho uLungelo.

Lo mfundi ubonge usomabhizi­nisi uMnuz Ntabende Phiri omcathulis­ayo.

UPhiri utshele Isolezwe ukuthi wahlabeka umxhwele ehlangana noLungelo nyakenye, wazibophez­ela ukumsiza. Umsize ukumakhela indlu yokufaka amachwane, ahambe naye uma kunemicimb­i yosomabhiz­inisi.

“Ngiyamtshe­la uma kukhona umhlangano wosomabhiz­inisi, uma engaxakiwe umsebenzi wesikole ngihambe naye. Sengimxhum­anise nabasemkha­kheni wezolimo ukuze bamcathuli­se,” kusho uPhiri.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ULUNGELO Gwala onebhizini­si lokudayisa izinkukhu, unentshise­kelo yokungena emkhakheni wezolimo
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ULUNGELO Gwala onebhizini­si lokudayisa izinkukhu, unentshise­kelo yokungena emkhakheni wezolimo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa