Isolezwe

Iziqu zobudokote­la kongumenga­meli we-ACU

- MLUNGISI GUMEDE

UFUNA ukuba yisibonelo entsheni umholi wenhlangan­o yezepoliti­ki yezifundis­wa, i-Academic Congress Union (ACU), uMntwana uMzonjani Zulu, izolo othole iziqu zobudokote­la e-Unisa.

UZulu ongumengam­eli we-ACU ehlubuke kwiNFP ungomunye wosopoliti­ki abazibophe­zele kwezemfund­o.

Uthole iziqu ezibizwa ngeDegree of Doctor of Educaton (DED) ngemuva kokuphumel­ela ekwenzeni ucwaningo mayelana nohlelo lwezemfund­o ezikoleni olubizwa ngeCurricu­lum and Assessment Policy Statement (Caps).

UZulu oke waba nguthisha isikhathi eside ngaphambi kokuthi agxile kwezombusa­zwe ubebheka ukuthi abafundi bayayiqond­a yini iCaps kwaGrade 9.

“Engikwenzi­le kumele kube yisibonelo entweni engiyikhul­umayo njengoba thina siyiqembu elikhuthaz­a kakhulu imfundo. Ukuthola kwami lezi ziqu kuzoba wusizo kakhulu enhlanganw­eni nasesizwen­i jikelele,” kusho uZulu.

Uthe njengoba esethole lezi ziqu akagcinile, usazoqhube­ka nokufunda ngoba uzimisele ngokuthi eminyakeni emihlanu abe esenguSolw­azi.

“Kumanje ngenza izifundo zomthetho enyuvesi yaKwaZuluN­atal. Lezi zifundo ngizenza ngoba ngifuna ukuqonda ukusebenza komthetho. Akufuneki ukuthi uma ungumholi wenze amaphutha ngoba nakhu ungaziqond­i izinto,” kusho uZulu.

Uthe ukufunda ume ndawonye akusizi wengeza ngokuthi imfundo ibalulekil­e ngoba ulwazi olusha ludingeka nsuku zonke.

UZulu manje uneziqu ezinhlanu futhi usaphokoph­elele ukuthola ezinye.

Ubonge uSolwazi Jabulani Maphalala ngokubheka umsebenzi wakhe nokuholele ekutheni agcine ezuze iziqu zobudokote­la.

“Thina sigqugquze­la imfundo hhayi le nto yamanye amaqembu akhuluma indaba yokuthi kumele kubuye umhlaba, abantu bazowenzan­i umhlaba bengafundi­le? Nale nto yokunika abantu izijumbana zokudla ayisebenzi ngoba abantu uma befundile bangakwazi ukuziphili­sa,” kusho uZulu.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? UMHOLI we-Academic Congress Union uMntwana uMzonjani Zulu izolo othole iziqu zobudokote­la e-Unisa
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI UMHOLI we-Academic Congress Union uMntwana uMzonjani Zulu izolo othole iziqu zobudokote­la e-Unisa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa