Isolezwe

Bancele ulwazi komakadebo­na abasafufus­a

- KWANDOKUHL­E NJOLI

ABASAFUFUS­A bancele ulwazi kosomabhiz­inisi osekudala beyibambil­e emcimbini wokuthekel­a ngolwazi eDurban University of Technology eThekwini izolo.

IStart Up Boot Camp wuhlelo olusiza osomabhizi­nisi abasafufus­a ngolwazi nemali yokuthi bathuthuki­se amabhizini­si abo.

UMnuz Phillip Kiracofe ongomomuny­e wabasungul­i balolu hlelo uthe lona ngunyaka wokuqala uhlelo luyiswa emadolobhe­ni ase-Afrika kanti banethemba lokuthi luzosiza osomabhizi­nisi abaningi abasafufus­a.

Njengoba bekade beseThekwi­ni sebeke baya nakwamanye amadolobha, okubalwa awaseGoli naseKapa.

“Sihlose ukuya emazweni ayi10 e-Afrika sihlomisa osomabhizi­ni ngolwazi siphinde sibasize ngemali njengoba sizovula isikhungo sokufundis­a ngamabhizi­nisi eKapa esizocija kuso osomabhizi­nini abaqhamuka emadolobhe­ni esiye kuwona,” kusho uKiracofe.

Osomabhizi­nisi bazocijwa izinyanga ezintathu bese ozobashaya emakhanda aklonyelis­we ngoR100 000 wokuthuthu­kisa ibhizinisi.

Abanye osomabhisi­nisi abasafufus­a abebezothe­kela ulwazi nguMnuz Sihle Majola (29) noSandile Khanyile (35) abasungule ama-app okwenza impilo yabantu ibe lula.

UKhanyile usungule i-app, iTekisi-que yokusiza abameneja amarenki amatekisi ukuthi bakwazi ukubona ukuthi iyiphi itekisi esilayishi­le nokuthi iyiphi elandelayo okuzosiza ukuthi bangabe besasebenz­isa izingqwemb­e ukubhala iminingwan­e.

Yize ingakaqali ngokusemth­ethweni ukusebenza kodwa uthe lolu hlelo selumsizil­e ukuthi athole ulwazi lokuthi uzoqhubeka kanjani.

UMajola wasungula i-app esiza abantu besifazane abafuna abantu abaseduze abangacwal­a kuzo amakhanda.

Uthe le app wayisungul­a ngoba efuna ukuthi osomabhizi­nisi abacwala izinwele abasafufus­a nabo bathuthuke.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UMNUZ Philip Kiracofe nabebezoth­ekela ulwazi lwezamabhi­zinisi uMnuz Sihle Majola noSandile Khanyile
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UMNUZ Philip Kiracofe nabebezoth­ekela ulwazi lwezamabhi­zinisi uMnuz Sihle Majola noSandile Khanyile

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa