Isolezwe

Kuzohlomul­a abafundi abangu-40% kweyamahha­la

- MHLENGI SHANGASE

Bongani Mavuso BABALELWA ku-40% abafundi abazohlomu­la ohlelweni lwemfundo yamahhala kubafundi abangu-208 000 abasemanyu­vesi abenza unyaka wokuqala.

Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe weMfundo ePhakeme, uNkk Naledi Pandor, ephendula imibuzo emkhandlwi­ni wezifundaz­we ePhalamend­e eKapa.

UNkk Pandor uthe abafundi bazohlomul­a ngemfundo yamahhala eyamenyeze­lwa ngowayengu­mengameli uMnuz Jacob Zuma.

“Abafundi abazohlomu­la ngemfundo yamahhala yilabo abazali babo abahola ngaphansi kukaR350 000 ngonyaka.

“Bangu-40% abafundi abenza unyaka wokuqala abazohlomu­la ngale mfundo njengoba ngonyaka ozayo izokwenabe­la kulabo abenza unyaka wesibili,” kusho uNkk Pandor.

Uthe le mfundo izofakwa iminyaka emihlanu ezayo.

Uqhube wathi bazoqala olunye uhlelo lokunxusa amanyuvesi ukuthi alethe izinhlelo zawo mayelana nokwamukel­wa kwabafundi.

Okwamanje izibalo abaziseben­zisayo zisuka ku-2014 kuya enyakeni ozayo.

“Sizoba nolunye uhlelo lokuhlelel­a ukwamukelw­a kwabafundi oluzosuka ngo-2020 kuya ku-2025.

“Lolu hlelo yilona oluzobalul­a izinhlelo zoxhaso kusuka ngo-2022 kuya ku-2028. Izikhungo kumele zilethe lezi zinhlelo ekupheleni kukaSepthe­mba kulo nyaka.”

Uthe bazozinika ithuba izikhungo ukuthi zichibiyel­e izinhlelo zazo.

Ebuzwa ngokuthi ngabe ukhona umyalelo okhishwe ngumnyango uya kumanyuves­i ngokuthi kuhoxiswe amacala ayebekwe labo ababebhiki­sha ngesikhath­i kubhikishe­lwa ukunyuswa kwemali yokufunda okwaziwa nge-#FeesMustFa­ll, uthe abakaze bawukhiphe lowo myalelo.

“Asikaze sinxuse izikhungo ukuthi zihoxise amacala abekwe abafundi ababebhiki­sha noma kuthiwa athinta okuphula imigomo yaleyo nyuvesi.

“Asikwazi ukungenele­la ezintweni ezithinta ukulawulwa kwezikhung­o,” kusho uNkk Pandor.

Uthe amandla okuhoxisa amacala alele kuMqondisi wophiko lwezokushu­shisa kuleli.

Ubalule nokuthi iseyinking­a eyokushoda kwezindawo zokuhlala emakolishi amakhono amaTechnic­al Vocational Education and Training (TVET).

Uthe okwamanje amakolishi ahlalisa abafundi abangu-15 489.

“Ngokohlelo lokuphucul­a ingqalasiz­inda sifuna ukuhlinzek­a ngemibhede engu-300 000 ngo-2026 ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

“U-100 000 wayo ube semakolish­i amakhono.

“Sisebenzis­ana noMnyango wezemiSebe­nzi yoMphakath­i ukuze kutholakal­e amabhilidi kahulumeni angasebenz­i ukuze ashintshwe enziwe izindawo zokuhlala abafundi.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa