Isolezwe

Isu lezitobha ze-United ngeDowns

- MINENHLE MKHIZE noLUNGILE MAJOKA

odabuka eWestern Cape, uthe angakujabu­lela ukuyogijim­a kowamanqam­u phambi kwabangani nomndeni wakhe.

“Kungaba yinto ejabulisay­o ukuba yingxenye yomdlalo wamanqamu edolobheni engizalwa kulona.

Kodwa ke ngisho ngabe bekuthiwa kudlalelwa e-Upington besifuna ukuyodlala khona. Okusemqoka wukuthi sifinyelel­e kowamanqam­u.

Into enhle ngokudlala eKapa wukuthi umndeni nabangani bazobe bekhona okuyinto ekhuthazay­o.”

Uzakwabo abayibamba naye emuva, uXulu akazange akufihle ukubalulek­a komdlalo wabo neSundowns.

“Silindele umdlalo onzima njengoba kuyi-semi final. Sifuna ukuwina indebe, akuyona imfihlo leyo. Kodwa kuzomele sidlule kwiSundown­s.

Sinemidlal­o emibili nayo ngeke kube lula kodwa njengoba sidlalela ekhaya kumele siqiniseki­se ukuthi siyaya kowamanqam­u,” kusho uXulu.

NgoLwesith­athu la maqembu azotholana kowe-Absa Premiershi­p khona eHarry Gwala.

Mayelana nokubhekan­a nabagadli beDowns, uXulu uthe: “Bayiqembu eliphambil­i, hhayi eNingizimu Afrika kuphela kodwa e-Afrika.

Kodwa nathi senza kahle. Siyawashay­a amagoli futhi sivala kahle emuva. Ngeke ngithi ngeke singenelwe yigoli noma ngeke thina silishaye.

“Engikwaziy­o wukuthi kuzoba yimizuzu engu-90 yomdlalo oshubile. Akukho esizokushi­ntsha ngendlela esivala ngayo sizogxila kulokhu esikwaziyo.”

 ??  ?? UKAPUTENI weMaritzbu­rg United uBevan Fransman ulubalubel­a ukudlala kowamanqam­u Isithombe: BACKPAGEPI­X
UKAPUTENI weMaritzbu­rg United uBevan Fransman ulubalubel­a ukudlala kowamanqam­u Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa