AwaseGauteng azothi gozololo eThekwini
ZIZOTHI gozololo Kwa-Zulu-Natal izinkunzi zamaqembu aseGauteng – iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns – ezigijima kuPremier Soccer League.
Womabili azodlala imidlalo emibili eKZN ngalinye. Ngo-8.15 kusasa ebusuku Amakhosi azoshukana neFree State Stars eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, emdlalweni we-semi final yeNedbank Cup.
IChiefs idonsa kanzima kule sizini. Isihlulwe yisicoco se-Absa Premiership, MTN 8 neTelkom Knockout. INedbank Cup isifana nethemba lokugcina layo lokuphakamisa isicoco.
Amakhosi sekuphele amasizini amabili agcina ukunqoba isicoco.
NgoLwesibili, azotholana phezulu neLamontville Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, eThekwini, emdlalweni we-Absa Premiership. IChiefs ayisekho embangweni wesicoco seligi kodwa isilwela ukuzibekisela indawo emiqhudelwaneni yeConfederation of African Football (CAF).
UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs uthe Amakhosi ngeke abuyele emuva uma eseqeda ukudlala neStars.
“Sizohlala eThekwini size sigoduke ngemuva komdlalo wethu ne-Arrows. Azikho izinhlelo esinazo zokuhlangana nabalandeli. Sizoziqeqesha ngoMsombuluko kodwa ngeke sivumele muntu ukuthi azobuka uma sizicija,” kusho uMaphosa.
IChiefs isiyenze ikhaya layo lesibili iMabhida. Emidlalweni ewu15 yasekhaya yeligi ilethe emithathu eThekwini. Ne-quarterfinal yeMTN 8 iyidlalele eThekwini.
NeSonto ngo-3 ntambama, iSundowns izotholana phezulu neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, emdlalweni we-semi final yesibili yeNedbank Cup.
ISundowns ayibambeki kulezi zinsuku. Isidlale imidlalo ewu-15 ilandelana kuyo yonke imiqhudelwano ingashaywa.
NgoLwesithathu iSundowns, eqhwakele esicongweni se-Absa Premiership, izobhekana neTeam of Choice emdlalweni weligi ozoqala ngo7.30 ebusuku.
UThulani Thuswa wezokuxhumana kwiSundowns uqinisekisile ukuthi nabo ngeke baphindele emuva uma sebeqeda ukudlala neTeam of Choice kowomkhumulajezi. “Sizothi gozololo khona eMgungundlovu. Asinazo izinhlelo ezithinta abalandeli.”
ISundowns ivule igebe lamaphuzu ayisithupha esicongweni sePremiership lapho ilandelwa i-Orlando Pirates endaweni yesibili.