Isolezwe

UKaizer ukhuza ulaka kubalandel­i beChiefs

- MTHOKOZISI MNCUSENI noZWELAKHE NGCOBO

IZIBHELU zakamuva ezidalwe wukungenam­i kwabalande­li beKaizer Chiefs zisukumise usihlalo weqembu, uKaizer Motaung, wafongqa isigqoko kubona ebacela ukuthi behlise ulaka ngisho ngabe kwenzekani emdlalweni weNedbank Cup okusasa neFree State Stars eMoses Mbhida Stadium.

UMotaung uthe okuzomjabu­lisa lapha wukubona izindimban­e zabalandel­i zithuthele­ka ngobuningi bazo eMabhida zizokhutha­za iqembu ukuthi lizisondez­e nokuqeda isizini kukhona elikupheth­e.

Ngaphezu kwalokhu uMotaung uthe kusemqoka ukuthi bonke abalandeli beChiefs bakwazi ukuthi yena nabo bonke abaqashile basazi kahle isimo esibhekene neqembu futhi ubuhlungu obuzwiwa ngabalande­li bufana ncamashi nalubo abazama ukubupholi­sa njengoba iqembu lingenzi ngendlela bonke abafisa ngayo.

“Sizazi zonke izikhalo zabalandel­i futhi sizosukuma. Inkinga wukuthi ngeke senze izinguquko manje ngoba isizini isiyaphela. Ngiyethemb­isa ukuthi uma kuphela isizini sizokwenza izinguquko ezinqala ukuguqula isimo seqembu,” kusho uMotaung.

“Ngiyacela kubona bonke abalandeli abazobe beseMabhid­a ukuthi baziphathe ngokuthula nangoxolo njengoba saziwa. Kusekuning­i esikudlale­layo ngoba ngaphandle kweNedbank sisengaqed­a endaweni engasifaka e-Afrika ngesizini ezayo. Asisihle isimo ngiyazi kodwa ngihlaba ikhwelo kubalandel­i ukuthi phansi ulaka. Phansi amaphaphu. Akufanele saziwe njengeqemb­u elibeka engcupheni impilo yabalandel­i balo nabadlali.” Lesi sikhulu sikubaluli­le ukuthi aseneme ngemiphume­la ngakho sikuqonda kahle ukudinwa kwabalande­li kodwa siyazi ukuthi udlame akuyona indlela yokwenza izinto. Akufanele kube nabalandel­i abagcina ngokuboshw­a esikhundle­ni sokujabule­la umdlalo webhola nakho konke okuza nemiphumel­a yawo.

UNokuthula Khoza, ongunobhal­a wabalandel­i beChiefs KwaZulu-Natal uthe: “Ngeke simshaye umqeqeshi wethu thina ngoba siqeqeshek­ile. Asikwenzi thina lokho. Abenza lokho ngabantu abangekho emagatshen­i. Siyayazi imigudu okufanele siyilandel­e. Siyobahlan­gabeza abadlali futhi ngeke sibashaye ngoba uma sikwenza lokho, sizodlala ngobani?”

 ??  ?? KAIZER MOTAUNG
KAIZER MOTAUNG
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa