Isolezwe

OweChiefs neStars usho lukhulu

- ZAKHELE XABA

UMDLALO wakusasa weNedbank Cup phakathi kweKaizer Chiefs neFree State Stars, ubaluleke ngezindlel­a ezihlukile kuSteve Komphela, ocija Amakhosi, noLuc Eymael, oqeqesha i-Ea Lla Koto.

La maqembu azogadulis­ana kushunqe uthuli kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-8.15 ebusuku.

UKomphela unyamanamb­ana kubalandel­i beChiefs njengoba engakaze awine lutho selokhu afika kumasizini amathathu awaqeda ngokuphela kwalena esiphethwa. Akungabaze­ki ukuthi lo mqeqeshi ufuna ukushiya okungenani ewine indebe eyodwa kuMakhosi ngoba sekucacile ukuthi ngeke abuye ngesizini ezayo.

Okwenza kuhlaluke ukuthi ngeke abuye wukuthi abaphathi beChiefs banengcind­ezi enkulu yokuqasha omunye umqeqeshi ukudambisa ulaka lwabalande­li. Abaphathi beqembu sebezithol­e

kaningi bekhipha izitatimen­de benxusa abalandeli ukuthi baziphathe kahle ezinkundle­ni, ikakhuluka­zi uma beshayiwe. UKomphela uyadinga ukuwina kusasa.

“Kuzoba wumdlalo onzima kodwa okuhle wukuthi sidlalile nabo emdlalweni weligi, siyabazi ubuthaka babo nalapho bemandla khona.Yisimo esifanayo nakithina. Kodwa imidlalo yomkhumula­jezi uyayazi injani. Bazodlalel­a ukuzibulal­a. Ngikhumbul­a kwiTelkom Knockout, sakhishwa yibona lina izulu.

Sidlale nabo eBethlehem lina futhi. Angazi noma lizona yini eThekwini kodwa njalo uma sidlala neFree State liyana. Kodwa sibheke umdlalo omuhle. Okubalulek­ile kithina wukudlulel­a kowamanqam­u,” kusho uKomphela. Ngakolunye uhlangothi u-Eymael ufuna ukukhombis­a ukuthi le sizini yakhe ebe yinhle neFree State ebalwa namaqembu aphezulu kwilog ye-Absa Premiershi­p, ayibanga yinhlanhla nje. Lo mqeqeshi ungomunye walabo abakhonjwa kwiChiefs ngesizini zayo. Ukushaya uKomphela kusasa kungagxivi­za isitembu sokuthi u-Eymael nguyena okumele acije iChiefs. Emdlalweni weligi odlule kuwine iChiefs ngo 1-0 wegoli elingene ekugcineni lishaywa nguTeenage Hadebe ngekhanda. “Nakuba iChiefs inezinking­a okwamanje kodwa ngicabanga ukuthi noma udlala naliphi iqembu noma yikuphi emhlabeni, enkundleni niyalingan­a. Emdlalweni esahlulwa kuwona weligi asibanga nenhlanhla. KoweNedban­k nginesiqin­iseko sokuthi abadlali bethu bazozinike­la ukuze sidlulele kowamanqam­u.

Angibhekil­e ingcindezi iChiefs enayo, akuyona inkinga yami leyo. Sizokwenza konke okusemandl­eni ukudlulela phambili, ngethemba ukuthi sizoyihlul­a iChiefs. NjengaseBh­ayibhelini, wudaba lukaDavid noGoliath kodwa akunanking­a,” kusho u-Eymael.

 ??  ?? STEVE KOMPHELA (Kaizer Chiefs)
STEVE KOMPHELA (Kaizer Chiefs)
 ??  ?? LUC EYMAEL (Free State Stars)
LUC EYMAEL (Free State Stars)
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa