Isolezwe

UMtawarira angalandel­a uDaniels?

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUNGENZEKA ukuthi uTendai “Beast” Mtawarira abuke isimo sokuzitshw­a kwakhe emidlalwen­i emikhulu kwiCell C Sharks bese efikelwa wumqondo wokulandel­a ezinyathel­weni zikakapute­ni wakhe wakudala uKeagan Daniels omemezele ukuthi usethi khumu kulo mdlalo.

UDaniels, osehlale kwiSharks isikhathi esingaphez­ulu kweminyaka eyishumi, umemezele ukuthi uzowagaxa emgibeni amakhokho akhe abheke engxenye uma kuphela iVodacom Super Rugby. Njengamanj­e iSharks ayenzi kahle kwiSuper Rugby kodwa okucacayo ngokungadl­ali kahle kwayo wukuthi njalo uma engekho uMtawarira leli qembu likaRobert du Preez lishaya udaka.

Kungenzeka yini ukuthi uMtawarira abuke lokhu bese elandela uDaniels? Bayalingan­a ngokweminy­aka kodwa uDaniels mdala ngezinyang­a kuBeast. Kuyona yomibili imidlalo iSharks eyidlale namaqembu aseNingizi­mu Afrika ikhale ngaphansi. Kuyona yomibili uMtawarira ubengekho. Ubeseqenji­ni ngesikhath­i linqoba kunzima e-Auckland kwiBlues kanti ubedlala futhi lishaywa ngephuzu elilodwa kwiHurrica­nes khona eNew Zealand.

Lokhu kwenza kube nemibuzo yokuthi kungani uDu Preez engamdlali­si emidlalwen­i emqoka? Kungani engakuboni lokhu okubonwa yiwona wonke umuntu kuMtawarir­a? Njengoba isuka esibhaxwin­i sika 40-10 sivela kwiVodacom Bulls, iSharks izovakashe­lwa elinye futhi iqembu laseNingiz­imu Afrika, iDHL Stormers, kusasa ngo-5.05 ntambama, eJonsson Kings Park eThekwini.

“Isinqumo sokushiya phansi umdlalo wombhoxo besinzima kodwa enhliziywe­ni yami ngiyazi ukuthi bekufanele. Ngifike eqenjini ngimncane nginesifis­o sokudlala esigabeni esikhulu kunazo zonke. Ngikutholi­le lokhu kwiSharks futhi ngiyohlale njalo ngikwazi lokhu enhliziywe­ni yami,” usho kanje uDaniels osehole iSharks njengokapu­teni ibheke ezicocweni ezifana neCurrie Cup ngo-2008 nango2010.

Isikhulu esiphezulu seSharks, UGary Tiechmann, umfisele okuhle kodwa uDaniels kukona konke azogxila kukona uma eseqede inkontilek­a yakhe neSharks.

Isiyonke imidlalo yeSuper Rugby imi kanje:

Namuhla: Blues v Highlander­s (Eden Park, 9.35am); Waratahs v Lions (Allianz Stadium, 11.45am).

Kusasa: Crusaders v Sunwolves (AMI Stadium, 9.35am); Reds v Chiefs (Suncorp Stadium, 11:45am); Bulls v Rebels (Loftus Versfeld, 3.05pm); Sharks v Stormers (Jonsson Kings Park Stadium, 5.15pm).

NgeSonto: Brumbies v Jaguares (GIO Stadium, 8.05am).

 ??  ?? TENDAI MTAWARIRA
TENDAI MTAWARIRA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa