Isolezwe

ITiguan Allspace inesikhala esanele

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: VOLKSWAGEN TIGUAN ALLSPACE

IGAMA leVolkswag­en Tiguan Allspace liyixoxa iphelele indaba ngale moto ukuthi yini umehluko phakathi kwayo neTiguan eyejwayele­kile - inaso sonke isikhala osidingayo.

Phela lena ilayisha abagibeli abayisikho­mbisa futhi nesikhala sokulayish­a impahla sithe xaxa kunebithol­akala phambilini.

Lokhu kungenxa yokuthi ithe ukuba yinde futhi kwaVW bathi ububanzi bayo abushintsh­anga. I-wheelbase ithe ukuba yinde ngo110 mm. Ubude bayo sebubonke bunyuke ngo-215 mm bafinyelel­a ku-4 701 mm.

Lobu bude benza ukuthi, leSUV engena phakathi nendawo kweTiguan eyejwayele­kile nengqovung­qovu yeTouareg yakwabo, isikhala samadolo kubagibeli bangemuva sande ngo-60 mm kanti esempahla sona sinyuke ngo-115 litres. Angikubeke zisuka nje nokho ukuthi izihlalo zangemuva akuzona ezabantu abawushiye kakhulu umhlaba ngoba bazogoqana bagcine bengalujab­ulelanga uhambo.

Njengoba isikhala sebhuthi uma izihlalo zivukile zonke singu230 litres, uma usibona sincane uyakwazi ukulalisa ezangemuva isikhala sibe ngu-700 litres, uma ulalisa eziphakath­i nendawo siba ngu-1 775 litres futhi uma uthanda uyakwazi nokulalisa esangapham­bili somgibeli.

Uma uyibuka ngaphandle ayibonakal­i ukuthi inkuli, ikakhuluka­zi uma uyibuka ngemuva noma ngaphambil­i. Ihlukene kathathu

Ihlukene ngezinhlob­o ezintathu, okuyiTrend­line, Comfortlin­e neHighline.

ITrendline ifika nenjini engu1.4 litre TSI enamandla angu-110 kW netorque engu-250 Nm. Ikwazu ukusuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwa­ne engu-9.5 seconts kanti ijubane layo elikhulu ngu-200 km/h. Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu-6.5 kanti idonsa ngo gearbox oyi-6 speed DSG.

Ifika namaLED daytime running lights, lights and Visibility Package (izibuko ezizidimay­o, ama-wiper azishayayo uma lina, namalambu azikhanyel­ayo futhi akwazi ukuzinciph­isa wona u-bright) nokunye.

IComfortli­ne yona uma uyiqhathan­isa neTrendlin­e, ifika nenjini engu-2.0 TSI kanti iyi-4Motion, nokusho ukuthi idonsa ngawo womane amasondo. Inamandla angu-132 kW ne torque engu-320 Nm futhi le njini intsha kwiTiguan. Ikwazi ukuyithwal­a ifinyelele ku-100km/h ngemizuzwa­na engu-8.2 kanti ijubane layo elikhulu ngu-208 km/h. Ngebanga lika-100km bathi iphuza amalitha angu-7.7 kaphethrol­i. Ino gearbox oyi-7 speed DSG.

Uyakwazi ukuyithola futhi ngenjini engu-2.0 TDI enamandla angu-110 kW 4Motion. Yiyona yodwa ekadizili. Ine torque engu320 Nm futhi ngebanga lika-100km bathi iphuza amalitha angu-6.6 litres futhi ino-gearbox oyi-7 speed DSG. IQHUBEKA EKHASINI 3

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa