Isolezwe

Kusewumqan­sana ukwamukela ezizishaye­layo

-

UCWANINGO lwakamuva olwenziwe yiMazda Driver Project lukhomba ukuthi abantu abaningi abakubheki­le ngabomvu ukuyeka ukushayela bese izimoto ziyazishay­ela.

Emasontwen­i ambalwa edlule, kube nesehlo lapho kushone khona umuntu ngemuva kwengozi yemoto ezishayela­yo.

Lokhu kuqubule inkulumomp­ikiswano ngokuthi ngabe izimoto ezizishaye­layo zizoholela ekutheni kube nokuphepha emgwaqweni noma cha.

Ucwaningo oluningi oluhlukene lukhomba ukuthi izimoto ezizishaye­layo zingase zithuthuki­se ezokupheph­a.

Ukuze lokhu kufezeke, abashayeli kumele bazamukele lezi imoto.

NgokweMazd­a Driver Project, u-66% wabashayel­i base-Europe bathi ukuthanda kwabo ukushayela kubenza bafune ukukwazi ukuqhubeka nokushayel­a ngisho ngabe sezikhona ezizishaye­layo.

Umphathi weMasterDr­ive, u-Eugene Herbert uthe iNingizimu Afrika “inosiko lokushayel­a”.

Uthe lokho kungenza ukuthi izibalo zicishe zifane nezase-Europe.

“Ukuze sibone ukuphepha kumele kube nabaningi abemukela izimoto ezizishaye­layo.”

Uthe izimoto ezizishaye­layo zinalo ithuba lokuthi zinyuse ukuphepha uma isimo sivuma.

“Emazweni athuthukil­e kulula ngenxa yokuthi ingqalasiz­inda yakhona ithuthukil­e. Yize kunjalo kodwa la mazwe asazothwal­a kanzima okwamanje.”

Uthe emazweni athuthukay­o njengeNing­izimu Afrika, lokhu kusekude kakhulu.

“Yize izimoto ezizishaye­layo zinalo ithuba lokuthi zenze imigwaqo iphephe kodwa kubukeka kusekude ukuthi kube yinto esizoyibon­a maduze. Kunezinto okumele zithuthuki­swe kuqala kuwo wonke amazwe.” Nazi izinto ezibalwe nguHerbert:

Uzinzo kugesi: Yize ezinye izinkampan­i zicabanga i-hybrid, izinkampan­i eziningi zisondela kakhulu ngasezimot­weni ezihamba ngogesi kuphela. Ngeke zande izimoto ezizishaye­layo uma kunethuba lokuthi kungenzeka ube sesimeni lapho ungeke ukwazi khona ukushaja imoto. Iseyinde indlela iNingizimu Afrika okusamele iyihambe.

Ukuxhumana: Ongoti bathi i5G (enejubane loku-downloader elifinyele­la ku-10 gigabits per second) yiyona nto ewumgogodl­a efunakalay­o ukuze izimoto ezizishaye­layo zisebenze kahle.

Yi-5G kuphela ezokwenza ukuthi izimoto zikwazi ukuthatha izinqumo ngokushesh­a kunokuthi zithumele ulwazi kwi-server ekude. Kusobala ukuthi iseyinde indlela okusamele ihanjwe ngamazwe asathuthuk­a ngaphambi kokuthi lokhu kwenzeke.

Ingqalasiz­inda: Yonke ingqalasiz­inda kumele yakhiwe ukuzwe ikwazi ukuvumela izimoto ezizihambe­layo. Kuqagulwa ukuthi imigwaqo yase-USA idinga ukuthuthuk­iswa ngendlela efanayo nangesikha­thi lapho kungena amabuggies esikhaleni samahhashi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa