Isolezwe

Izinombolo ezikhethek­ile zisho lukhulu

-

IYAKHULEKA intandane yamahazard, ithunywe abafundi bale ngosi.

Vula amasango singene sibuyele eceleni sithi gozololo singqumuze ezezimoto.

Ngithe ngisagabad­ula ezinkalwen­i ezikude ngibuka ubuhle baleli likaMthani­ya ngivule umsakazo kungene izindaba, ngasekugci­neni kufundwe udaba oluthinta indawo ekude le ezinqeni zezwe. Udaba lwakhona luthinta izinombolo zemoto i-number plate. Lana ezindabeni kuvele ukuthi kunomuntu ogoloza ukudayisel­a omunye i-number plate ekhethekil­e ebiza igama lemoto yohlobo oluphambil­i eyakhiwa amaNtaliya­ne.

Lolu daba lungenze ngadlinza, ngithe ngisacaban­ga kwadlula imoto enepuleti elibiza igama lomuntu noma angithi into ethize.

Leli puleti ngilazela emotweni eyayiAudi A4, ngabuye ngalibona selifakwe kwiToyota Fortuner manje selifakwe kwiHyundai H1. Kuyacaca ukuthi umnikazi uthutha nalo leli puleti lakhe. Kodwa-ke angiqondil­e ukukhula ngalawa abiza igama lomuntu abhalwa ngombala oluhlaza okotshani noma omnyama epuletini elimhlophe. Kungaba igama lenkampani, kepha ngihlose ukukhuluma ngawo wonke amapuleti nalawo ayizinombo­lo ezithi zijwayelek­ile kodwa zibe ezihleleke kahle nezisho lukhulu kumnikazi.

Ngiyakhumb­ula ukuthi eThekwini ave kunzima ukuthola izinombolo ezintathu kuya phansi. Uma ufuna lezo zinombolo kudingeka ukuthi ubekezele noma weshele umuntu onazo ukuze akudayisel­e ngemali enjengemal­i bese wena uzithuthel­a kuleyo moto yakho ofisa ukuthi iqhamuke kucace.

Abangakith­i eNdwedwe bazokutshe­la ukuthi imoto ebiza uNDW 1 yiToyota Tazz emhlophe. Kunombhemu waseMlaza eningizimu yeTheku zonke ezakhe zinezinomb­olo ezimbili kodwa ezilamanay­o.

Ngike ngalibheki­sa ngapha ngaseNgwav­uma enyakatho yesifundaz­we lapho ngafica khona umkhehlekh­ehle wemoto ezifele ihleli nepuleti elinezinom­bolo ezimbili. Ngathi uma ngikhuluma nomakhenik­ha wathi umnikazi waleli veni akafuni ukulidedel­a leli puleti sekwale ngisho kuqhamuka abantu bemshela ngemali enhle ukuthi akabanikez­e kodwa akafuni ukuqoma. Kunensizwa yaseMsinga uMnuz uSmanga Dez Mabaso. Yena-ke uziphathel­e uNF 1 uthutha nawo awufake ezimotweni zikanokush­o. Lo mbhemu wangitshel­a ukuthi wawulanda kude lo NF 1 emva kweminyaka ewufuna.

Usuyabonak­e ukuthi izinombolo ezikhethek­ile zisho lukhulu. Izinombolo ezincane ziba yinyama uma leyo ndawo isikhule kakhulu njengamado­lobha amakhulu othola ukuthi asenezinom­bolo ezevile kwezinhlan­u epuletini elilodwa.

Kwesinye isikhathi kuba yizinombol­o ezihleleke kahle njengo-12345. Omunye uyakwazi ukulandela izinombolo eziqondana nokuthize empilweni yakhe, okungaba wusuku lokuzalwa noma okunye.

Abanye-ke kuba nomlando ngalezo zinombolo mhlawumbe uthole ukuthi kwakungeze­moto kamkhulu nakuba wena ungazibona zithule kodwa kuyena zisho lukhulu. Nami ngiyakhumb­ula ukuthi ekhaya kwake kwaba noChev Elcamino owawuthi NH 2448. Impela namanje ngisasho ukuthi uma ngingawuth­ola uNH 2448 ngingacela ngoba ungikhumbu­za ikhehla lami.

Ezinye izinkinsel­a zingakhiph­a imali eshisiwe ukuze zithole izinombolo ezikhethek­ile qha. Abanye bachazwa ukuthi ziyalandel­ana navele esanazo afise ukuthi izimoto zakhe lilamane ngezinombo­lo.

Ngiyazi ukuthi usuqalile ukufisa ukwazi intengo yokubhalis­a nokugcina lezi zinombolo. Ngokwe website yoMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal banohlu lwezinhlob­o zama puleti. Umbono wama hazard uthi kungcono ukulivikel­a ipuleti lakho ungaliyeki lize likhahlelw­e yi-system ungasalivu­seleli. Ngisho noma ungenayo imoto uyakwazi ukulifaka ohlwini lwezinombo­lo ezingathin­twa.

Uyothi usulidayis­a eminyakeni ezayo liyobe selibiza imali ecishe ilingane neyokuthen­ga imoto. Noma-ke uzigcinele lona ukuze ulifake kule moto yakho kanokusho ofisa ukuyitheng­a mhlazane usuyinkins­ela. Ungaxhuman­a noMnyango wezokuThut­ha ubabuze mayelana neminining­wane.

Uma ufisa siyixoxe kabanzi ngena ekhasini lethu likaFacebo­ok Igedlela Lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ?? IZINKAMPAN­I eziningi, njengeSMG, ziyathanda ukubhala amagama azo kuma-number plate ezimoto Isithombe: JASON BOUD
IZINKAMPAN­I eziningi, njengeSMG, ziyathanda ukubhala amagama azo kuma-number plate ezimoto Isithombe: JASON BOUD
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa