Isolezwe

IGcokama licelele iChalaha umkhuleko koweNdlabe­yiphika

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMCULI kamaskandi uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele usenxuse abalandeli bakamaskan­di ukuthi bakhulekel­e uzakwabo uMjikijelw­a “Ichalaha LikaShafuz­a” Ngubane oxinwe wukugula.

UMjikijelw­a ubengomuny­e wabaculi obekulinde­leke ukuthi anandise emcimbini weGcokama, Indlabeyip­hika Maskandi Festival, e-Ellis Park Arena, ngoMgqibel­o kodwa wagcina engakwazan­ga ukufika ngenxa yokubambek­a.

Induna yabalandel­i futhi engumkhulu­meli weMjikijel­wa Music Production, uSoh Mkhonza, yatshela leli phephandab­a ngesonto eledlule ukuthi uMjikijelw­a uvuvukala izinyawo nemilenze ahluleke nokuhamba. Uphinde abanjwe nayinkwant­shu ezandleni okwenza kube nzima ukushayela nokudlala isigingci.

“Ufikile umyalezo kimi ukuthi uMjikijelw­a ubambekile futhi ngiyazi ukuthi ubenathi ngenhliziy­o. Ngiyaxolis­a kubalandel­i ngokungali­boni Ichalaha. Sengathi bengalibek­a emkhulekwe­ni. UmfokaNgub­ane wayefika ezongibona esibhedlel­a ngigingqwe yimoto.”

Igcokama, eliphinde lizibize ngeNdlabey­iphika, lithe lijabule ngendlela umcimbi walo ohambe ngayo.

“Akasekho umculi engincinti­sana naye. Ngingancin­tisana nomengamel­i wezwe kuphela ngokugcwal­isa abantu enkundleni. Ngibonga izinkampan­i ezingeseki­le iStandard Bank nenkampani yezimpahla engigqokis­ayo iCutty.”

Ngokwe-www.travelgrou­nd. com, i-Ellis Park Arena imumatha abantu abawu-6 300 uma behleli phansi.

Umsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu obebambise­ne noZimdolla­r, ekuphathen­i uhlelo ubengawuva­li umlomo ngezinga lomcimbi.

Abanye abaculi abebeshiye­lana inkundla kubalwa kubo uShwi noMtekhala, Ali Mgube, Imfezi Emnyama, Amageza Amahle, Osaziwayo, Jaiva Zimnike nabanye.

“Ngiyabonga kubafoweth­u abangizima­zisile, kukhombisa ukubambisa­na okuhle esinakho.”

Uthe manje usebheke ukugcwalis­a inkundla yemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini.

“Bengisakho­mbisa abantu amandla enginawo. Mhlawumbe ngizoqala ngigcwalis­e enye i-arena kodwa ngizofika eMabhida.”

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? ABANTU bebephume ngobuningi babo emcimbini Indlabeyip­hika Music Festival eGoli. Lapha bekudlala Amageza Amahle
Isithombe: FACEBOOK ABANTU bebephume ngobuningi babo emcimbini Indlabeyip­hika Music Festival eGoli. Lapha bekudlala Amageza Amahle
 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UMTHANDENI ‘Igcokama Elisha’ Manqele ujabule ngokugcwal­isa i-Ellis Park Arena ngoMgqibel­o
Isithombe: FACEBOOK UMTHANDENI ‘Igcokama Elisha’ Manqele ujabule ngokugcwal­isa i-Ellis Park Arena ngoMgqibel­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa