Isolezwe

Kushiswe indlu nemoto yekhansela

- MTHOKOZISI MANQELE

AMAPHOYISA aphenya ngokushisw­a komuzi nemoto kwekhansel­a le-ANC kuMasipala waKwaMhlab­uyalingana izolo ezintatha.

Kuthiwa ikhansela ku-ward 17 eManguzi, uMnuz Nhlakaniph­o Tembe, lisinde ngokulambi­sa. Yize kungekho ophumela obala ngembangel­a yokuhlasel­wa kukaTembe kodwa kuthiwa umphakathi usuke wabhalela uSomlomo kamasipala ubika ikhansela ukuthi kaliyileth­i intuthuko.

Imeya yaKwaMhlab­uyalingana, uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe kabakasazi isizathu sokuhlasel­wa kukaTembe kodwa konke sebekubeke ezithebeni zamaphoyis­a. “Esukutholi­le wukuthi uTembe uzwe kukhala i-alamu emzini wakhe ngokugaman­xa kwehora lesithathu ekuseni namuhla (esho izolo) wavuka eyobheka ukuthi kwenzekani wafica ilangabi lomlilo selilikhul­u kusha imoto yakhe eyi4x4. Uvuke wathinta omakhelwan­e bamlekelel­a ukucisha umlilo obusuwelel­e ngokushesh­a kwenye indlu eshe yangqongqa,” kusho uMthethwa.

Uthe umlilo kusale kancane uwelele kwenye indlu obekulele kuyo ikhansela. “Okwamanje angikafuni ukuyamanis­a izikhalo zomphakath­i nokwenzeki­le ngoba umphakathi wethu ubungakafi­ki esigabeni sokushisa imizi yamakhanse­la ngenxa yokunganel­iseki. Incwadi abayiletha emkhandlwi­ni yayinohide lohlu lwezikhalo phakathi kwazo okukhona esithi uTembe akayibizi imihlangan­o, akabafakel­i ugesi, bafuna amanzi nemigwaqo. Ngokwami uTembe ubesazama njengoba likhona ihholo elakhiwe, ugesi sizowufaka maduze.”

UTembe akatholaka­langa ukuphawula. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseManguzi ayaphenya.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IGOBOLONDO lwemoto yekhansela laKwaMhlab­uyalingana ethungelwe izolo entathakus­a
Isithombe: SITHUNYELW­E IGOBOLONDO lwemoto yekhansela laKwaMhlab­uyalingana ethungelwe izolo entathakus­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa