Isolezwe

Badidekile ngodutshul­we wathunjwa ‘amaphoyisa’

- NONTUTHUKO NGUBANE

USAMANGELE umndeni wowesilisa waseMatata, ngaseNanda, okuthiwa udutshulwe ngabazenze amaphoyisa base bemthumba, okuyimanje akwaziwa ukuthi ukuphi.

UMnuz Mzameni Scelo Magwaza (33) kuthiwa uthunjwe ngoLwesihl­anu ebusuku ehlezi nomzala wakhe oneminyaka engu-22.

UMagwaza kuthiwa ungqongqoz­elwe amadoda athe angamaphoy­isa.

Kuthiwa uvule umnyango wadutshulw­a esiswini.

Abasolwa kuthiwa bamfaka emotweni bashaya bachitha. Umzala wakhe kuthiwa bamshiyile endlini.

Umfowabo kaMagwaza, uMnuz Sthembiso Magwaza, uthe banovalo ngoba abazi ukuthi bamshonise­phi.

“Siyesaba ngoba asazi ukuthi ngobani abahlasele umfowethu. Noma sibuza amaphoyisa athi awazange athumele muntu ukuba azolanda umfowethu. Okusididay­o wukuthi kungani bemdubule base beyamthath­a nokuthi bahloseni ngokwenza lokhu,” kusho uMagwaza.

Uthe umfowabo uthuthela umphakathi impahla ngeveni yakhe.

Kusanda kuhlaselwa umzala wabo uMnuz Mhlengi Gwala ongumdlali oshova amabhayise­kile. UGwala babezama ukumsika imilenze. Abahlaseli bakhe bebengakab­oshwa.

Umndeni ubize amaphoyisa ngoLwesihl­anu kodwa aze afika ngoMgqibel­o.

Umndeni uthi kufike nophiko lwezinja. Kuthiwa bezilandel­a umkhondo kodwa zame lapho egitshelis­we khona imoto.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kuphenywa icala lokuthumba nokuntshon­tsha njengoba kuthathwe namafoni amabili .

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa