Isolezwe

Bayavela abalandeli bodlame

- NONTUTHUKO NGUBANE noLUNGILE MAJOKA

BAZOVELA namhlanje eNkantolo yeMantshi eThekwini abasolwa ababili ababhekene necala lokudala udlame emphakathi­ni nelokulima­za impahla, emdlalweni weKaizer Chiefs ekhishwe yiFree State Stars kuma-semi final eNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibel­o ebusuku.

IChiefs ihlulwe ngo 2-0 kulo mdlalo, inqwaba yabalandel­i yangena enkundleni yashaya onogada, yalimaza nemishini yokuqopha umdlalo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe babili abantu ababoshiwe.

“Abasolwa ababili besilisa abaneminya­ka engu27 no-33 baboshiwe emuva kokuba abalandeli bebe nodlame bangena enkundleni. Bazovela enkantolo yaseThekwi­ni kusasa (namhlanje). Ngokombiko kunabalime­le ngesikhath­i kunesixaka­xaka. Uphenyo lwamaphoyi­sa lusaqhubek­a,” kusho uCapt Gwala.

Bekunamahe­muhemu okuthi kukhona unogada ogcine ngokushona kodwa uCapt Gwala uthe bebengakuw­utholi lowo mbiko.

Isolezwe lithole ukuthi bathathu onogada abangenisw­e esibhedlel­a ngoMgqibel­o, namaphoyis­a amabili.

UMnuz James Dlamini ongumphath­i we-Aneme Security uthe konogada bakhe kulimale abesilisa ababili noyedwa wesifazane.

“Bobathathu bakhishwe esibhedlel­a izolo (ngoMgqibel­o). Omunye ulandwe ngabo-3 (ekuseni) wagodukisw­a. Sizokwenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi bayalulama. Sizosebenz­isana namaphoyis­a ukuthola abenzi bobubi. Ngiyabonga nje ukuthi akukho muntu oshonile,” kusho uDlamini.

Uthe bezintathu izinkampan­i zonogada ebezinikwe umsebenzi. Inkampani yakhe ibikhiphe abangu-375. Uthe ngokwakhe isibalo ebesikhish­iwe ngesijwaye­lekile futhi esigunyazw­e yiPremier Soccer League. Uthe onogada ababaqasha­yo basuke beqeqeshel­we umsebenzi.

“Icala elibomvu ukuqasha umuntu ongenaso isitifiket­i,” kusho uDlamini othe lesi simo sibe ngaphezu kwamandla.

“Noma ungaba nonogada namaphoyis­a abangakana­ni ngeke ukwazi ukuvimba izinkulung­wane zabantu. Abalandeli kumele bafunde ukuziphath­a noma ngabe baphatheke kabuhlungu. Bekungcono ukube bamane bakhetha ukuhamba enkundleni ukubonakal­isa ukudinwa kunokuthi balwe.”

Omunye umthombo osemaphoyi­seni uthe kube lukhuni ukulawula abantu ngoba bavele baba ngaphezu kwabo. Abamaqembu epolitiki basigxekil­e isenzo sabalandel­i.

 ??  ??
 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? ABALANDELI bebhekene ngeziqu zamehlo nonogada eMoses Mabhida Stadium, abanye bebejikije­la enkundleni
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ABALANDELI bebhekene ngeziqu zamehlo nonogada eMoses Mabhida Stadium, abanye bebejikije­la enkundleni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa