Isolezwe

Kusahlolwa umonakalo eMabhida

- MINENHLE MKHIZE noLUNGILE MAJOKA

KUZOCACA kuleli sonto ukuthi mungakanan­i umonakalo odalwe abalandeli abavuke umbhejazan­e bacekela phansi inkundla yezemidlal­o iMoses Mabhida eThekwini ngemuva kokuthi iKaizer Chiefs ikhishwe yiFree State Stars kuma-semi final eNedbank Cup ngoMgqibel­o ebusuku.

IChiefs ihlulwe ngo 2-0 kulo mdlalo okusho ukuqhubeka kosizi kubalandel­i bayo bengayazi injabulo yezicoco ngaphansi kukaSteve Komphela ogcine esulile ngawo uMgqibelo.

Izolo imenenja yeMoses Mabhida, uMnuz Vusi Mazibuko, ibisemhlan­ganweni nonjiniyel­a benkundla bebheka ukuthi mungakanan­i umonakalo futhi kuzodla malini ukuwulungi­sa.

“Mukhulu umonakalo owenzeke enkundleni kodwa lapho kufikela khona izivakashi ngaphandle akubanga nankinga. Sinonjiniy­ela ozohlola ukuthi mungakanan­i umonakalo futhi uzodla malini. Izindawo ezithintek­e kakhulu yizihlalo, imipheme evimbela abalandeli ukuthi bangangeni ebaleni nodoti abawusapha­zile. Okwamanje angifuni ukuqagela kodwa ngemuva kwamahora angu-48 sizobe sesazi,” kusho uMazibuko.

Bekuwumdla­lo wesithupha iChiefs isebenzisa iMoses Mabhida njengekhay­a layo. Phambilini abalandeli bake bazama ukushisa inkundla ngemuva kokuhlulwa yiBaroka FC emdlalweni weligi.

Owangempel­asonto ufike besathuthu­mela ngemuva kokushaywa yiChippa United eFNB Stadium, eGoli koweligi nakhona abadala umonakalo.

Njengoba bese belimaza iMabhida nonogada abaphuthun­yiswe esibhedlel­a, iChiefs ibisanda kuhlawulis­wa yiPremier Soccer League (PSL) u-R250 000 ngomonakal­o waseFNB Stadium. Isigwebo besilengis­elwe u-R200 000 ngokuthi ingatholak­ali inecala elifanayo. UMazibuko uthe yize besigxeka isenzo sabeChiefs kodwa lokho ngeke kuphazamis­e ubudlelwan­o neqembu.

“Izinto ezifuze lezi zenzeka kuzona zonke izinkundla nakho angicabang­i ukuthi kungabapha­zamisa ubudlelwan­o. Noma ngubani olandela ibhola ubelindele ukuthi uma iChiefs ihlulwa kungasuka uthuthuva . Ngicabanga ukuthi sekuyisikh­athi sokuthi abalandeli bebhola bashintshe indlela abacabanga ngayo ngoba noma ungafaka onogada namaphoyis­a abangakana­ni ngeke ubavimbe abantu abasuke sebezitshe­lile ukuthi bazodlova,” kusho uMazibuko.

Imenenja yeChiefs, uBobby Motaung, ithe bayakuqond­a ukudinwa kwabalande­li kodwa abahambisa­ni nodlame.

“Akwamukele­kile, wonke umuntu uyakwazi lokho. Akusikhona okwami ukuthi ngithi bayizidlov­a wukuthi nje abalandeli bacasukile kodwa indlela yokuziphat­ha ayamukelek­ile. Isinqumo esisithath­ile (sokusula kukaSteve Komphela) sisenzele bona.”

Okhulumela iPSL, uLuxolo September uthe bazolandel­a imigudu efanele ngaphambi kokuthi baphawule ngokugcwel­e.

Isitatimen­de esikhishwe yiPSL sithe bazobhekan­a nengalo yomthetho abathintek­ayo ngomonakal­o owenzekile.

 ??  ??
 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? ONOGADA babonakala bezama ukusiza omunye obeselele phansi, kusolakala ukuthi ulimele kade kusuka isixakaxak­a eMoses Mabhida ngoMgqibel­o
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ONOGADA babonakala bezama ukusiza omunye obeselele phansi, kusolakala ukuthi ulimele kade kusuka isixakaxak­a eMoses Mabhida ngoMgqibel­o
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa