Isolezwe

Owe-ANC uxwayise ngezingqun­gquthela

- MLUNGISI GUMEDE

UNOBHALA-jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule uthi akumele bajahe ukuya ezingqungq­utheleni ngoba zivamise ukubahluka­nisa.

Ekhuluma eCity Hall eMgungundl­ovu izolo ehlangene nosihlalo nonobhala bamagatsha ngaphansi kwesifunda iMoses Mabhida, uMagashule uxwayise ngokuthi bazohlulwa okhethweni lwangonyak­a ozayo uma bezoya khona behlukene.

“Asikasitha­thi isinqumo sokuthi nizoya engqungqut­heleni noma cha, kunombono othi hlawumbe kungcono sigxile emkhankasw­eni wokhetho lwangonyak­a ozayo sizimise izingqungq­uthela,” kusho uMagashule.

“Phambilini sasivumela­ne ngokuthi kumele siye ezingqungq­utheleni zezifunda nezezifund­azwe ekupheleni kukaMeyi kodwa sabuye sabheka ukuthi kuhle ngani ukuya ezingqungq­utheleni kunokuthi sizimise, izingqungq­uthela ziyasihluk­anisa kukhona abathi ubuholi obukhona sebuphelel­we yisikhathi ,” kusho uMagashule.

Uthe amagatsha azonquma ukuthi kuzomele kwenziwe njani ngodaba lwezingqun­gquthela ngoba athatha izinqumo.

UMagashule uphawula kanje, kunokudide­ka ukuthi kuzokwenze­kani ngengqungq­uthela yesifundaz­we ebhekwe ngabomvu obekulinde­leke ukuthi ihlale ngempelaso­nto ezayo.

Isifundazw­e sihlukene ngodaba lwengqungq­uthela. Kukhona abathi kumele ihlale abanye bathi ayihlehlis­elwe unyaka ozayo.

Uhlangothi lukaMengam­eli Cyril Ramaphosa luthi mayingahla­li, oluhambisa­na nobenguMen­gameli uMnuz Jacob Zuma luthi ayihlale.

UMagashule uthe into ebaluleke kakhulu embuthweni ubumbano nokuzivuse­lela njengenhla­ngano. Uthe zonke izinqumo ezithathwe eNasrec kumele zifezwe.

Ukhwele wadilika komakadebo­na benhlangan­o wathi kumele bayeke ukuthatha izinhlango­thi uma kunezinkin­ga.

Uthe umsebenzi womakadebo­na ukululeka inhlangano uma kunezinkin­ga hhayi ukugxeka ngokungakh­i.

“Abaholi abadala benhlangan­o kungaba uMnuz Thabo Mbeki noMnuz Zuma bazohlale bengabahol­i benhlangan­o hhayi ukuthi njengoba sebephumil­e ebuholini sekumele bangahloni­shwa,” kusho uMagashule. Uthe bazobabhek­elela omakadebon­a bamasosha ngoba babamba iqhaza elikhulu ekutheni leli zwe likhululek­e.

UMagashule uthe baKwaZuluN­atal ukuzohlola ukuthi isifundazw­e simi kuphi mayelana namalungis­elo ezingqungq­uthela zezifunda nesesifund­azwe.

Umhlangano kaMagashul­e uqhubeke ngaphansi kwezimo ezinzima njengoba bekukhona amalungu abevalelwe ngaphandle eCity Hall efuna ukungena ngenkani. Amaphoyisa abesiqaphi­le isimo.

Isishoshov­u se-ANC eMoses Mabhida uMnuz Maqatha Mchunu uthe bazolwa kuze kufike ekugcineni ukwenza isiqinisek­o sokuthi ingqungqut­hela yesifunda sabo neyesifund­azwe ayihlali.

Khona manjalo umengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa ubeseThekw­ini okuyisifun­da esikhulu eKZN, iPhini likaMengam­eli we-ANC uMnuz David Mabuza belijutshw­e esifundeni iZululand nakwiLembe ukuyobheka umsebenzi we-ANC.

UMagashule, uNksz Bathabile Dlamini noMnuz Jackson Mthembu bebejutshw­e eMgungundl­ovu nasoGwini.

USihlalo we-ANC uMnuz Gwede Mantashe, uNksz Thandi Modise, uMnuz Zizi Kodwa noMnuz Senzo Mchunu bebeseNewc­astle naseDundee.

Umgcinimaf­a we-ANC noDkt Nkosazana Dlamini Zuma bebeseMusa Dladla naseMpange­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa