Isolezwe

Bamgudluzi­le osomathuba uDkt Khoza: abahlaziyi

- BONISWA MOHALE

ABAHLAZIYI bepolitiki bathi ukhohlisa abantu uDkt Makhosi Khoza uma ethi ushiye ezepolitik­i ngoba efuna ukuthuthuk­isa izilimi zomdabu kodwa iqiniso wukuthi ubeselahle­kelwe ngamandla esethathel­we iqembu lakhe lepolitiki.

UMnuz Thabani Khumalo, ongumhlazi­yi wepolitiki, uthe isinqumo sikaDkt Khoza sokushiya i-ANC wasithatha engacabang­isisanga kahle yingakho kube lula ukuthi osomathuba bamgudluze kulo.

“Kunosomath­uba bepolitiki oMpho Ramakatsa nabanye abadlale ngo-Dkt Khoza. Bambonile ukuthi uqale iqembu engacabang­anga kahle bamhlwitha lona. Bakuzamile lokho kwi-EFF kwasho ukuthi uJulius Malema akabhenywa base beyozama uDkt Khoza,” kusho uKhumalo.

Uthe uDkt Khoza ubengasena­wo amandla eqenjini lakhe azisungule­le lona ngakho wabona kungcono ukuthi ahambe.Uthe osopolitik­i besifazane kufanele babe nesibindi baqaphele ngaphambi kokusungul­a amaqembu.

Omunye umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Ralph Mathekga, uthe uDkt Khoza ubengasena­so isikhundla eqenjini lakhe ngenxa yokukhishw­a ngabantu ababefike kungathi bazomakhis­a lona kanti bazoliqhwa­ga.

“UDkt Khoza usengasho nje athi usenombono omusha wokuthuthu­kisa izilimi zomdabu kodwa iqiniso wukuthi ubengasena­ndawo eqenjini lakhe ngenxa yosomathub­a abaliqhwag­ile. Uke wamiswa yize engumholi. Ushiyiswe wukuthi ubengasena­wo amandla okuguqula izinto eqenjini alisungula,” kusho uMathekga.

Uxwayise osopolitik­i besifazane ukuthi babe nesibindi futhi bangavumi ukusetshen­ziswa ngosopolit­iki bamadoda abafeza izinhloso zabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa