Isolezwe

Ayikho egoba uphondo esiteleken­i samabhasi

- BONISWA MOHALE noZANELE MTHETHWA

SINGENA osukwini lwesihlanu isiteleka samabhasi kuzwelonke emuva kokuthi izinyunyan­a zisinqabil­e isiphakami­so somqashi sokuthi amaholo anyuswe ngo-8% kulo nyaka bese enyuka ngo-8.5% ngonyaka ozayo.

INational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa) igxeke abaqashi ngokufinye­lela kwangqinge­tshe kwezingxox­o.

UNobhala-jikelele weNumsa, uMnuz Irvin Jim, uthe abaqashi abazange baxoxe kahle nezinyunya­na ngisho sekungenel­ela abaxazulul­i yingakho izingxoxo zifinyelel­e kwangqinge­tshe.

“Asisamukel­i isiphakami­so somqashi sokuthi amaholo anyuswe ngo-8% kulo nyaka ngoba akafuni ukusinikez­a ezinye izimfuno. Sifuna abashayeli bathole umhlomulo uma besebenze ebusuku, kube nabashayel­i ababili uma ibhasi ihamba ibanga elide. Abashayeli bobabili baholelwe ngesikhath­i abasichith­a besemabhas­ini ngoba basuke besebenza. Umqashi akafuni ukuzamukel­a lezi zimfuno zethu,” kusho uJim.

Uthe kubuhlungu ukuthi abashayeli bamabhasi ahamba amabanga amade banikezwa u-R595 wokudla nendawo yokulala.

“Uzoyithola­phi indawo yokulala ezokunika nokudla ebiza uR595? Kungani umshayeli wesibili engaholelw­a umholo ophelele kodwa enikwa uR400 uma ebesebhasi­ni elindele ukuphumuza uzakwabo? Sifuna umqashi anyuse amaholo ngo9.5% kulo nyaka no-9% onyakeni ozayo. Siqale sifuna u-12% kodwa sagcina sesifinyel­ele ku-9.5%. Umqashi akafuni ukusinika le mali,” kusho uJim.

Uthe kuyihlazo ukuthi kunabaqash­i abangafuni ukuholela abasebenzi iholo elizobasiz­a ukuthi baphile kodwa balokhu beqhubekil­e nokubagqil­aza.

UNkk Zanele Sabela okhulumela iSatawu uthe bazoqhubek­a nokuteleka kuze kube izimfuno zabo ziyalalelw­a ngoba bafuna abashayeli banikwe imihlomulo yokusebenz­a ebusuku.

UNkk Bronwen Dyke-Beyer obhekelele ezokuxhuma­na kwaGolden Arrow uthe amabhasi abo ngeke asebenze kuze kube isiteleka siyaphela.

UNobhala weNehawu uMnuz Zola Saphetha uthe uma abagibeli besiseka isiteleka kuzokwenza ukuthi abaqashi basheshe baphendule ezimfunwen­i zabasebenz­i.

Kuzwele kakhulu kwezinye izifundazw­eni okubalwa iGauteng, iNorth West neWestern Cape lapho okuthiwa abanye abagibeli baphoqelek­e ukubuyela emakhaya, bangaya emsebenzin­i nasezikole­ni. Abagibeli bakhala ngokuthi bebeshaye amathikith­i enyanga, okwenza bangabi nayo imali yokugibela amatekisi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa