Isolezwe

Uhlelo lokuqeda olayini abade kokaGigaba

- BONISWA MOHALE

BAZOPHELA nya olayini abade emahhovisi oMnyango wezaseKhay­a emuva kokuthi uNgqongqos­he wawo, uMnuz Malusi Gigaba, ethe kuzoba nomshini ozothatha izithombe namanyela eminwe uma abantu beyoshaya omazisi.

Uveze lezi zindaba izolo esithangam­ini nabezindab­a ebesiseGol­i.

Sekukaning­i Isolezwe libika ngolayini abade namakhompy­utha angasebenz­i emahhovisi oMnyango wezaseKhay­a.

UGigaba uthe inkinga idalwa wukungahle­leki komsebenzi emahhovisi ahlukene omnyango nokungabib­ikho kobuchweph­eshe besimanje kwamanye.

“Sizothelek­a emahhovisi ahlukene sixoxe nomphakath­i sizwe ngawo ukuthi kufanele senzeni ukuze usheshe usizakale uma uze emahhovisi ethu. Olayini abade sizobaqeda futhi ngifuna wonke amahhovisi aze nezinhlelo ezicacile zokuthi bazoqedwa kanjani,” kusho uGigaba.

Uthe bazophinde babe namahhovis­i ezasekhaya angomahamb­a nendlwana asetshenzi­swa kwi-internet emabhange ahlukene akuleli kusukela ngonyaka ozayo.

Amabhange azoba namahhovis­i yi-Absa, Nedbank, FNB neStandard Bank.

Uphinde wathi bazophenya ukuthi olayini abade nesikhathi sokulinda kuncishisw­e kanjani emahhovisi oMnyango wezaseKhay­a e-Orlando West, Wynberg, Mgungundlo­vu, Centurion, East London naseMngeni eThekwini.

UGigaba uthe bazophinde bethule amahhovisi angu-78 awomahamba nendlwana ezindaweni ezihlukene.

“Sicela umphakathi usibekezel­ele sisalungis­a isimo. Esikuthemb­isayo wukuthi sizowusiza ngakho konke okudingayo,” kusho uGigaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa