Ucwaningo lwePasca ngomthelela weVAT ekudleni
INHLANGANO esiza umphakathi eMgungundlovu, iPietermaritzburg Agency for Community Social Action (Pacsa) ithe ukunyuka kwentela ekhokhwa uma uthenga impahla esitolo iValue Added Tax (VAT) kunyuse ubhasikidi wegilosa wafika ku-R3 144.02.
IPacsa yenza ucwaningo ngentengo yokudla okudingwa yimindeni nyangazonke. Ithe ngoSepthemba wonyaka odlule ubhasikidi ububiza u-R2 885.73 kodwa ngenxa yokunyuswa kweVAT usubiza u-R3 144.02.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, iPacsa ithe umndeni wabantu abayisishiyagalombili uthenga ukudla okufakwe iVAT ngo-R1 698.83 uthenge okungakhokhelwa iVAT ngo-R1 445.19. Ithe abantu abakwazi ukuphila ngempuphu, irayisi nobhontshisi kodwa bayayidinga inyama nokunye ukudla okufakwe iVAT.
“Imindeni isikhipha u-R221.59 owengeziwe ngenyanga ngenxa yokunyuka kweVAT esuke ku-14% yaya ku-15%. Sifuna uhulumeni ayisuse intela ekudleni ngoba akakukhiqizi ngakho akanawo amandla okutshela izitolo ukuthi zikubize malini. Ukudla kubalulekile sonke siyakudinga kodwa intela izokwenza abantu abaningi bangawutholi umsoco ngenxa yokubiza,” kusho iPacsa.
Ikhale ngokuthi miningi imindeni engakwazi ukudla okunomsoco ngenxa yokungabi nemali kanti uma sekufakwe iVAT kusho ukuthi isimo sisazoba sibi kakhulu.
Uhulumeni kazwelonke ukubeke kwacaca ukuthi iVAT ayiyindawo kanti izinyunyana zabasebenzi iCosatu neNumsa zimatasa neziphakamiso zokucela uhulumeni ukuthi ayisule.