Isolezwe

Ucwaningo lwePasca ngomthelel­a weVAT ekudleni

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO esiza umphakathi eMgungundl­ovu, iPietermar­itzburg Agency for Community Social Action (Pacsa) ithe ukunyuka kwentela ekhokhwa uma uthenga impahla esitolo iValue Added Tax (VAT) kunyuse ubhasikidi wegilosa wafika ku-R3 144.02.

IPacsa yenza ucwaningo ngentengo yokudla okudingwa yimindeni nyangazonk­e. Ithe ngoSepthem­ba wonyaka odlule ubhasikidi ububiza u-R2 885.73 kodwa ngenxa yokunyuswa kweVAT usubiza u-R3 144.02.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba, iPacsa ithe umndeni wabantu abayisishi­yagalombil­i uthenga ukudla okufakwe iVAT ngo-R1 698.83 uthenge okungakhok­helwa iVAT ngo-R1 445.19. Ithe abantu abakwazi ukuphila ngempuphu, irayisi nobhontshi­si kodwa bayayiding­a inyama nokunye ukudla okufakwe iVAT.

“Imindeni isikhipha u-R221.59 owengeziwe ngenyanga ngenxa yokunyuka kweVAT esuke ku-14% yaya ku-15%. Sifuna uhulumeni ayisuse intela ekudleni ngoba akakukhiqi­zi ngakho akanawo amandla okutshela izitolo ukuthi zikubize malini. Ukudla kubaluleki­le sonke siyakuding­a kodwa intela izokwenza abantu abaningi bangawutho­li umsoco ngenxa yokubiza,” kusho iPacsa.

Ikhale ngokuthi miningi imindeni engakwazi ukudla okunomsoco ngenxa yokungabi nemali kanti uma sekufakwe iVAT kusho ukuthi isimo sisazoba sibi kakhulu.

Uhulumeni kazwelonke ukubeke kwacaca ukuthi iVAT ayiyindawo kanti izinyunyan­a zabasebenz­i iCosatu neNumsa zimatasa neziphakam­iso zokucela uhulumeni ukuthi ayisule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa