U-3000 uhlolwe umdlavuza wesibeletho
UQALE ngesasasa umkhankaso wokuhlolwa umdlavuza wesibeletho KwaZulu-Natal ngemuva kokuhlolwa kwabesifazane abangaphezu kuka-3000 ngosuku olulodwa esibhedlela Inkosi Albert Luthuli eThekwini ngoMgqibelo.
Umdlavuza wesibeletho kuthiwa iwona ohamba phambili ekubulaleni abesifazane.
UMnyango wezeMpilo KwaZuluNatal ngokubambisana neNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngoMgqibelo bahlole abesifazane abangaphezu kuka-3000, okuyisibalo esiphindwe kathathu kulesi abebesilindele sika1000.
UNgqongqoshe walo mnyango, uDkt Sibongiseni Dhlomo, uthe bajabule ngokuthi imbokodo ilalelile uma bethi ayiphume izozihlola.
“Besilindele ukuhlola abesifazane abangu-1000 kodwa isibalo sigcine sesanda kakhulu njengoba kugcine kufika abantu abangaphezu kuka3000,” kusho uDhlomo.
Uthe kubantu besifazane abangu200, ababahlole kuqala bathole ukuthi abangu-10, babo sebenaso lesi sifo.
“Laba esesithole ukuthi sebenaso lesi sifo bazosizakala ngoba sizobalapha, kubalulekile ukuhlola ukuze wazi ukuthi usengozini noma cha, kanti futhi uma usheshe wazi akubi yinkinga ukulapheka,” kusho uDhlomo.
Uthe lo mkhankaso wabo abawubiza ngoPhila Ma, bawuqale ngemuva kokubona ukuthi lesi sifo yisona esihamba phambili ekubulaleni abesifazane.
“Abantu besifazane yibona abamisa imizi nemiphakathi kubalulekile ukuthi bahlale bephilile,” kusho uDhlomo.
Uthe lesi sifo phambilini besiphatha abantu besifazane asebekhulile kodwa manje sesihaqa nabesifazane abasebancane.
UDhlomo uthe izimpawu zalesi sifo ukopha nokuhlale uzwa izinhlungu esibelethweni.
Ukhuthaze abesifazane abaneminyaka engu-30 kuya phezulu ukuba baphume bayozihlola.
Omunye wabesifazane abahlolele lesi sifo, uNksz Nondumiso Memela (42) waseMayville, uthe ubengeke ahlale ekhaya angezi ukuzohlola ngoba ubefuna ukwazi ukuthi unaso noma cha yini isifo.
“Kubalulekile ukuzazi ukuthi umiphi noma kuthiwa uyagula uzothola usizo,” kusho uNksz Memela.
Ubonge uhulumeni ngohlelo inhloso yalo ukuhlenga impilo yabo.