Isolezwe

Injabulo Ogwini High ngeminyaka engu-50

- NONTUTHUKO NGUBANE

SIGUBHE iminyaka engu-50 sasungulwa isikole saseMlaza, i-Ogwini Comprehens­ive Technical High emcimbini obekumenyw­e kuwo ababefunda kulesi sikole.

Bekuyinjab­ulo yodwa kothisha nakubafund­i bebona ababefunda kulesi sikole bezojabule­la nabo iminyaka engu-50 emcimbini obungoLwes­ihlanu.

Lesi sikole kudlule kusona inqwaba yezifundis­wa kusuka sisahlinze­ka ngemfundo emazingeni aphansi ngo-1968.

Uthishanhl­oko wesikole uDkt Vusumuzi Dlamini uthe uyaziqheny­a kakhulu ngosekuzuz­we yilesi sikole nokwenze bakhetha ukwenza lo mcimbi wokujabule­la iminyaka engu-50.

“Ngaba nombono wokuba sibungaze le minyaka engu-50 ngokumema ababengaba­fundi bethu. Ngenhlanhl­a sinothisha abafundisa kulesi sikole ababengaba­fundi, bahlangani­sa ikomiti lahlela lo mcimbi. Kuyasithok­ozisa ukubona abafundi abaphuma esandleni salesi sikole sebephumel­ele. Lokhu kuzokwenza nabafundi abakhona manje babone ukuthi nabo bangaphume­lela,” kusho uDkt Dlamini.

Ababefunda kulesi sikole abebemenyi­we asebenza imisebenzi eyehlukene bancome amagalelo esikole ngempumele­lo yabo.

UMnuz Sandile Nhlapho (45) waseMlaza owaphothul­a u-matric ngo-1993 manje useyi-Assistant Director eLand Reform eFree State uthe uyaziqheny­a ngokuphekw­a kulesi sikole. “Bengingeke ngiphuthe kulo mcimbi ngoba lesi sikole sibe nesandla ekuphumele­leni kwami. Ngifisa nabanye abafundi baqhubeke nokuzimise­le ukuze nabo befeze amaphupho abo,” kusho uNhlapho.

Uthe yize ezakhe izingane zingafundi kulesi sikole kodwa zikhona ezezihlobo zakhe ezisafunda khona njengoba bazi ukuthi sinendlela enhle yokuziphat­ha kwabafundi nezinga eliphezulu lokuphasa.

Kulo mcimbi bekusinwa , kuculwa, kudanswa kukhona nezikhulum­i ezahlukene okubalwa ababefunda kulesi sikole, omakhelwan­e besikole, othisha nabafundi.

Lesi sikole sinabafund­i abangu-3314 nothisha abangu-122.

 ??  ?? BEKUYINJAB­ULO isikole i-Ogwini Comprehens­ive High eMlaza sigubha iminyaka engu 50 ISITHOMBE: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
BEKUYINJAB­ULO isikole i-Ogwini Comprehens­ive High eMlaza sigubha iminyaka engu 50 ISITHOMBE: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa