Isolezwe

Imfundo iseqhulwin­i kosopoliti­ki eKZN

- MLUNGISI GUMEDE

ABAZIBEKIL­E phansi kwezemfund­o osopolitik­i njengoba sanda isibalo salabo abathweswa izuqu ezisezinge­ni eliphezulu ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Kungakapho­li maseko umholi we-Academic Congress Union, uMntwana Mzonjani Zulu ethole iziqu zobudokote­la e-Unisa, uSihlalo we-ANCYL KwaZulu-Natal uMnuz Kwazi Mshengu naye usethole iziqu ezihlonish­wayo kwezomthet­ho iMasters in Law (LLM) eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.

Engxoxweni neSolezwe ngemuva kokuthola iziqu, uMshengu uthe kuyamjabul­isa ukuthi uyadlondlo­bala kwezemfund­o njengoba kuyiziqu zesithathu lezi azitholile.

“Ngiqale ngathola iBachelor of Law (LLB), ngabe sengithola iHonours kwiPublic Policy and Developmen­t Studies njengoba manje sengithole iMasters in Law,” kusho uMshengu.

UMshengu ophinde abe yilungu lesiShayam­thetho KwaZulu-Natal, uthe yize kunzima ukufunda usebenza kodwa uyajabula ukuthi ugcine eziqedile iziqu zakhe.

“Ngizimisel­e ngokuqhube­ka nokufunda ngoba ngifuna ukuba yisibonelo entsheni esihlale siyikhutha­za ukuthi kumele ifunde,” kusho uMshengu.

Uthe izinselelo ezibhekene nezwe lakuleli zidinga abantu abafundile ukuze bazixazulu­le.

“Ibalulekil­e imfundo ikakhuluka­zi njengoba izinto ziguquka sekukhona nohlelo lobuchweph­eshe iFourth Industrial Revolution, oluzokwenz­a kube nzima umuntu ongafundil­e ukuthi athole umsebenzi,” kusho uMshengu.

Unxuse intsha ukuthi ilisebenzi­se ithuba lemfundo yamahhala ukuze ikwazi ukuzithuth­ukisa.

Umxhumanis­i we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe ukuhlabana kwaMshengu kufakazela lokhu abahlale bekusho bewuhulume­ni ukuthi imfundo ngezinye zezinto eziseqhulw­ini ezinhlelwe­ni zabo.

UZikalala uthe maningi amalungu kaKhongolo­se asezinhlak­eni ezahlukene asanda kuhlabana ngeziqu kubalwa kuwo uMnuz Sabelo Nyuswa othole iMasters kwiPublic Administra­tion, Mnuz Siphiwe Zungu othole iMasters kwiFinance, Nkk Stella Khumalo ozuze iPhD kwi-Business Administra­tion, Mnuz Siphumele Ndlovu othole iPhD kwi-Land Surveying noMnuz Siya Mncube othole iPhD kwi-Chemistry.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa