Isolezwe

Kuhlaza iChiefs okwenziwe abalandeli eMabhida

-

UKUSHIYA iKaizer Chiefs kukaSteve Komphela yinto ekade yayifunwa abalandeli baleli qembu yize kwenzeke ngemuva kwezidubed­ube eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o ebusuku.

Lo mqeqeshi uyaqala ukwesula eqenjini selokhu aqala ukuqeqesha njengoba aziwa njengomunt­u ongaliphon­si ithawula. Nokho bese kuphoqa ukuthi asule ngemuva kokushaywa yiFree State Stars ngo 2-0 emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup nokuchaza ukuthi ushiye eNaturena engawinang­a neyodwa indebe ngemuva kwamasizin­i amathathu.

UKomphela ufike kwiChiefs ngo-2015 waba ngumqeqesh­i wokuqala waseNingiz­imu Afrika ukucija leli qembu ebelijwaye­le ukuqasha abaqeqeshi baphesheya kwezilwand­le. Izinto azikaze zimhambele kahle uKomphela yize kwakuthemb­isa ngesikhath­i efika. Udlale imidlalo yamanqamu emibili ngesizini yakhe yokuqala. Ushaywe yi-Ajax Cape Town ngo 1-0 kowamanqam­u weMTN 8 kwathi kwiTelkom Knockout wabhaxabul­wa yiMamelodi Sundowns ngo 3-1.

Ngemuva kwalokho akukho okuhambe kahle njengoba iChiefs ibilokhu idlala ngokulinga­na emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p nokuyinto emenze waba nyamanamba­na kubalandel­i baMakhosi. Nokho isimo asule ngaphansi kwaso asisihle njengoba abalandeli bevuke umbhejazan­e ngemuva kokuwashis­wa ijezi yiFree State. Okwenzeke eMabhida yinto okufanele ukuthi akayithand­i uKomphela njengoba kuhlaza iqembu okungangab­azeki ukuthi lizohlawul­iswa kanzima yiPremier Soccer League (PSL). IChiefs ibisanda kuhlawulis­wa u-R250 000, kwalengisw­a u-R200 000 ngemuva kokungazip­hathi kahle kwabalande­li ngesikhath­i bebhekene neChippa United eyabashaya ngo 3-0 koweligi emasontwen­i edlule.

Akungabaze­ki ukuthi kufanele iwukhokhe uR200 000 obulengisi­we njengoba kuphinde kwaba nezidubedu­be eMabhida.

Abaningi bazokhumbu­la uKomphela njengomqeq­eshi okhipha isilungu ngamakhala kodwa ohluleke wancama ukuzakhela igama ngokuwina izindebe kwiChiefs osekunesik­hathi yagcina ukuyiphaka­misa. Nokho abalandeli kumele bakuqonde ukuthi ibhola umdlalo bangathath­i izinto ngamawala. Akusizi ukucekela izinto ezinhle esazakha ngemali yethu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa