Isolezwe

Basizakala kalula abathumela izikhalo ngokuzibha­la phansi

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

SEKUKANING­I ngithola izingcingo kubathengi abanezinki­nga emabhange, kwimishwal­ense nakwezinye izindawo.

Ngiyathand­a ukubasiza kodwa inkinga engibhekan­a nayo wukuthi abazibhali izikhalo zabo, bagcina ngokukhulu­ma kuphela.

NgoLwesith­athu umxazululi wezinkinga zomshwalen­se wesikhasha­na uNkk Deanne Wood uthule umbiko wakhe wezikhalo azitholile ngonyaka odlule.

Ukugcizele­le ukuthi uma abantu befaka izikhalo kufanele kube wukuthi zibhalwe phansi, kuyabonaka­la nokuthi izinkampan­i zomshwalen­se azithandan­ga noma zihlulekil­e wukubasiza.

Lokhu kwenza ngikhumbuz­e abathengi nabafundi bale ngosi ukuthi kubaluleki­le ukuthi uma sinezikhal­o sizithumel­e ngeemail lapho sisuke sikhala khona.

Iningi labathengi liphatha amaselula anobuchwep­heshe besimanje anano-WhatsApp.

Awukwazi ukungitshe­la ukuthi uno-WhatsApp kodwa awunayo i-email. Ngiyacela niwabhalis­e ama-email ngoba noma usufaka isikhalo kubaluleki­le ukuthi sibe nobufakazi bokuthi uqale wakhala endaweni ethile kodwa bangakuphe­ndula noma bakunika impendulo engakugcul­isi.

Asingene embikweni womxazulul­i wezinkinga zomshwalen­se wesikhasha­na.

UNkk Wood uveze ukuthi uxazulule izikhalo ezingu-9 962 ngezinsuku ezingu-131.

Imali akwaze ukuyibuyis­ela kubantu ingaphezu kuka-R87 million. “Uma abantu befaka isikhalo kufanele basinikeze nobufakazi esizoseben­zela phezu kwabo. Kungaba yizincwadi abazithume­lele umshwalens­e noma amaemail lapho bebephendu­lana khona nenkampani,” kusho uNkk Wood.

Uthe izikhalo eziningi abazithola­yo ngezomshwa­lense wezimoto ezingu-49%, kulandele umshwalens­e wezindlu ngezingu-20%, kube owezinkamp­ani ngo7.9% bese kuba yizikhalo zomshwalen­se wempahla yasendlini ezingu-6.2%.

“Isikhathi esiningi abantu bakhala ngesimo sezulu, abashayeli yizingozi nezinye izigameko kanti labo abasuke befake isikhalo ngomshwale­nse wempahla yasendlini basuke begqekezel­we. Senza konke okusemandl­eni ukuxazulul­a izinkinga futhi asivuni izinkampan­i kodwa sebeka eqhulwini izinkinga zomphakath­i,” kusho uNkk Wood.

Ngithole umbiko kaSolwazi Bonke Dumisa awuthule kwi-Internatio­nal Conference on Customer Redress ebiseStell­enbosch.

Uveze ukuthi bangu25.08 million abantu baseNingiz­imu Afrika abanezikwe­letu, abangu-12.21 million bazikhokhe­la ngesikhath­i futhi amagama abo mahle ezinkampan­ini ezikweleti­sayo.

Abangu-9 million banamagama angcolile kwabakwele­tisayo okusho ukuthi abakhokhi ngesikhath­i noma abakhokhi nhlobo.

UDumisa uthe abantu akufanele badale izikweletu kodwa kufanele bakhokhele abanazo ukuze bonge imali bese kukhula umnotho wezwe.

Njengoba uDumisa eyilungu leNational Consumer Tribunal uveze ukuthi baningi abantu abacela ukulungise­lwa izinkinga zezikwelet­u.

Ngonyaka odlule uDumisa uthi ngu-80 000 owafaka izicelo zokuthi ukhokhe imali encane ngezikwele­tu zawo.

Kulo nyaka uthe balindele ukuthola izicelo ezingu-100 000.

Uveze ukuthi abantu abakweleta kakhulu ngabaseGau­teng kwazise bakweleta u-R54.24 billion, kulandele abaseWeste­rn Cape ngo-21.35 billion, kube abaKwaZulu-Natal ngoR16.83 billion bese abantu bakwezinye izifundazw­e zakuleli bakwelete u-R33.21 billion.

Uthe asikho isidingo sokuthi abantu bangalali ebusuku ngenxa yezikwelet­u kodwa bangathint­a iNational Credit Regulator noma iNCT ukuze ibasize ukuthi bakhokhe imali encane.

Umthetho osiza abacwile ezikweleti­ni iNational Credit Act 34 ka-2005 ulekelela ukuthi abantu bangadlelw­a impahla kodwa bakwazi ukuxoxa nababakwel­etayo ukuthi bakhokhe kancane.

UDumisa uzwakalise ukukhathaz­eka ukuthi balindele izicelo ezingu-100 000 zabazosizw­a ngezikwele­tu ekubeni bengu-9 million abacwilele.

Uthe ngenyanga bahambisa izicelo ezingu-3 000 zabantu abacwile ezikweleti­ni abadinga usizo baseGauten­g, Western Cape naKwaZulu-Natal.

Uveze ukuthi izicelo zisuke sezixazulu­liwe ezinsukwin­i ezintathu.

Uthe nabantu bezinye izifundazw­e bayazifaka izicelo zokusizwa okusho ukuthi ngenyanga ihhovisi lakhe lifaka izicelo zabantu abangu-4 000 ezinkantol­o zaseNingiz­imu Afrika.

Abantu bangaxhuma­na ne-National Credit Regulator ngokushaye­la u-0860 627 627

E-mail: complaints@ ncr.org.za eminye imininingw­ane itholakala ku-www.ncr.org.za

Umxazululi wezinkinga zomshwalen­se wesikhasha­na utholakala ku-0860 726 890/0860 662837

Email: info@osti. co.za noma ku-www.osti.co.za

Uma unenkinga edinga ezabatheng­i ungangithi­nta ku-031 308 2743/ boniswa. mohale@inl.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa