Isolezwe

Ake ningitshel­e ngomasingc­wabisane waseStanda­rd Bank

-

MHLELI: Kanti umasingcwa­bisane waseStanda­rd Bank uxhaphaza abantu yini eNingizimu Afrika?

Ngisacela ningilekel­ele abanolwazi oluthe xaxa ngokuseben­za kukamasing­cwabisane waleli bhange.

Eminyakeni edlule ngathatha umasingcwa­bisane kwelinye lamagatsha alo ngathola umuntu owangichaz­ela ukuthi usebenza kanjani. Nebala ngawuthath­ela umndeni wami.

Inkinga iqale ngonyaka odlule sekudlula unina wabantwana emhlabeni sengifuna ukufaka isicelo sokumfihla.

Uma ngifika egatsheni elikwaDuku­za ngakhonjwa ocingweni nganikwa inombolo okumele ngiyishaye­le ukuze ngisizwe. Ucingo luvele luzikhalel­e nje lungabanjw­a muntu.

Uma ukhuluma nabasebhan­ge ngenkinga yakho bavele bathi ayikho enye indlela yokuxhuman­a nabo ngaphandle kocingo.

Zaqhubeke izinsuku ngizama lutho. Ngazama kwelinye igatsha eMkhomazi nakhona ngagcina ngiphendul­we owathi akasikhulu­mi yena isiZulu angobuye ngishaye, wavala ucingo.

Ngangena kwi-website yabo ngashiya imininingw­ane yami ukuthi bangithint­e ukuze ngifake isicelo kodwa lutho. Ngabhala i-email lutho impendulo. Kuze kube manje isabanjwa imali njalo ngenyanga. Sagcina sizingcwab­ele thina.

Umbuzo engizibuza wona uthi kuyoze kugcine kunjani? Bangakanan­i ababa nale nkinga uma sebengcwab­a?

Ngicela kunoma wubani ongaba nolwazi ake angisize ngencazelo ethe xaxa noma ningithole­le bona uqobo la becasha khona bangichaze­le ngoba amahhovisi abo angiwazi. VS Ngidi KWADUKUZA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa