Ake ningitshele ngomasingcwabisane waseStandard Bank
MHLELI: Kanti umasingcwabisane waseStandard Bank uxhaphaza abantu yini eNingizimu Afrika?
Ngisacela ningilekelele abanolwazi oluthe xaxa ngokusebenza kukamasingcwabisane waleli bhange.
Eminyakeni edlule ngathatha umasingcwabisane kwelinye lamagatsha alo ngathola umuntu owangichazela ukuthi usebenza kanjani. Nebala ngawuthathela umndeni wami.
Inkinga iqale ngonyaka odlule sekudlula unina wabantwana emhlabeni sengifuna ukufaka isicelo sokumfihla.
Uma ngifika egatsheni elikwaDukuza ngakhonjwa ocingweni nganikwa inombolo okumele ngiyishayele ukuze ngisizwe. Ucingo luvele luzikhalele nje lungabanjwa muntu.
Uma ukhuluma nabasebhange ngenkinga yakho bavele bathi ayikho enye indlela yokuxhumana nabo ngaphandle kocingo.
Zaqhubeke izinsuku ngizama lutho. Ngazama kwelinye igatsha eMkhomazi nakhona ngagcina ngiphendulwe owathi akasikhulumi yena isiZulu angobuye ngishaye, wavala ucingo.
Ngangena kwi-website yabo ngashiya imininingwane yami ukuthi bangithinte ukuze ngifake isicelo kodwa lutho. Ngabhala i-email lutho impendulo. Kuze kube manje isabanjwa imali njalo ngenyanga. Sagcina sizingcwabele thina.
Umbuzo engizibuza wona uthi kuyoze kugcine kunjani? Bangakanani ababa nale nkinga uma sebengcwaba?
Ngicela kunoma wubani ongaba nolwazi ake angisize ngencazelo ethe xaxa noma ningitholele bona uqobo la becasha khona bangichazele ngoba amahhovisi abo angiwazi. VS Ngidi KWADUKUZA