Isolezwe

Badelise izihlwele kobuhlelwe wuKhozi

- CHARLES KHUZWAYO Ebika eseNewcast­le

IPHENDUKE intandokaz­i emcimbini we-jazz obuseNewca­stle insizwa yaseWester­n Cape, uCameron Ward, ohamba ezinyathel­weni zomkhaya wakhe uJonathan Butler no-Ernie Smith waseWentwo­rth, eThekwini, kulo mculo nakuba izingoma zayo zigxile esigqini sikaJimmy Dhludhlu waseMozamb­ique.

Lo mcimbi obuhlelwe uKhozi FM, obuseNewca­stle Showground­s, ubuhanjelw­e nayisilomo saphesheya kwezilwand­le u-Oleta Adams oqale wacula izingoma zakhe abantu abebengaza­zi bavele babhocobal­a.

Uqale wakhuluma nezihlwele ezinxusa ukuba zivote. “Ngesonto elizayo sizobe sigubha uSuku lweNkulule­ko. Lokho kusho ukuthi ziphathele impilo yakho, (uma sekuvotwa) uvote. Ukhumbule ukuthi awusesona isisulu kodwa uwumphumel­eli.”

Uvalelise ngengoma eyayikhonz­we ngumengame­li wokuqala wentando yabantu uNelson Mandela ethi Something Inside So Strong kaLabi Siffre.

UThami Shobede owalala isibili kuma-Idols SA ushukumise inkundla ehlonipha uWinnie Madikizela-Mandela ngengoma yengwazi ye-reggae uBob Marley ethi One Love. Nomdlali wesigingci ona-12, uLuthando Jackson, uqhulule amanoni akhe e-jazz okubalwa nelithi Romance.

Abanye abanandisi­le nguRingo Madlingozi, Zonke, Zamajobe, Brian Thusi, Themba Mkhize, Sjava, Nomalanga Hlubi, Nokulunga Mvuyane, Mnqobi Duma, Sun Xa Experience noBrenda Ndebele.

Abaphathi bohlelo bekunguMan­dla Mdletshe noSelbeyon­ce kanti ezicukuthw­aneni bekukhona uSbu Buthelezi, DJ Mngadi nabasakazi beGwalagwa­la FM okubalwa kubo noMadumane. UMandla nozakwabo uKhetha Gwala basakaze izinhlelo zabo kulo mcimbi.

Umgqugquze­li, uThulani Maphumulo, uthe amabombo azobheka eMhlathuze Sports Complex eRichards Bay ngoJulayi 28 lapho kuboshelwe khona uChris Walker.

 ??  ?? URINGO Madlingozi ukhombisil­e ukuthi usengumakh­onya emculweni ngesikhath­i enandisa kuKhozi Internatio­nal Jazz Festival eNewcastle
URINGO Madlingozi ukhombisil­e ukuthi usengumakh­onya emculweni ngesikhath­i enandisa kuKhozi Internatio­nal Jazz Festival eNewcastle
 ??  ?? ULUTHANDO Jackson edlala enye yezingoma zakhe abehloniph­a ngayo uWinnie Mandela eNewcastle
ULUTHANDO Jackson edlala enye yezingoma zakhe abehloniph­a ngayo uWinnie Mandela eNewcastle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa