Isolezwe

Bebebulala inyoka kweyeGqom

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUQHILIKA izihlathi kubahleli bomcimbi iGqom in Concert ebisendawe­ni yokupaka izimoto enxanxathe­leni yezitolo iPavilion ngoMgqibel­o njengoba abantu betheleke ngobuningi baze badlula esibalweni abebesilin­delwe.

Umcimbi bekungokok­uqala ukhona. Uqale emini waze waphela ngo-12.30 ebusuku. Ubuhlelwe nguDJ Tira ngokubambi­sana neqembu legqom’ iDistructi­on Boyz.

Phambilini uDJ Tira watshela leli phephandab­a ukuthi balindele abantu abangu-4 000 kodwa izolo ekuseni uthe kufike abalingani­selwa ku-5 000.

Umcimbi ususongwa iDistructi­on Boyz ibonge abantu ngokuyesek­a.

UDJ Tira uthe: “Igqom’ ifikile. Abantu baseNingiz­imu Afrika kumele bayibuke ngamanye amehlo, nasemiklom­elweni yabaculi. Abantu bayayithan­da.”

Uthe bazimisele ngokuwunyu­sela kwelinye izinga umcimbi ukuze nabaculi bezinye izinhlobo basebenze nabo.

Uthe bazobona ukuthi uzokwenzek­a yini kwezinye izindawo umcimbi.

“Obekubalul­ekile wukuthi siqale siwenze ngempumele­lo ekhaya. Inkinga wukuthi kuyabiza ukwenza umcimbi kodwa uma kukhona abafuna sibambisan­e nabo singakhulu­ma,” kusho uDJ Tira.

Emcimbini bekuboshel­we uDJ Sbo noFunky Qla, Love Devotion, Dlala Thukzin, Costah Dolla, Boonu obehambisa­na noMadanon noNtando Duma, Okmalumkoo­lkat, Kwesta obehamba nodlala isigingci obesishaya kuhlanye izihlwele, DJ Sox, DJ Fesh, Busiswa, Black Motion nabanye. UBabes Wodumo, ongene ohlwini lwabazonan­disa ngomzuzu wokugcina, ungene kwahlanya abantu. Uphume abantu basala becula iWololo agcine engayishay­anga ngenxa yesikhathi kwazise abaningi bebenikezw­e imizuzu engu-15.

UDJ Tira ungene wadlalela uDanger oshaye ingoma yakhe entsha iDangerous, Tipcee, Dladla Mshunqisi, Sphectacul­a noDJ Naves abebehamba noBeast ngaphambi kokuphuma.

Umcimbi uvalwe yiDistruct­ion Boyz.

 ??  ?? ABANTU bebebulala inyoka kwiGqom in Concert
ABANTU bebebulala inyoka kwiGqom in Concert
 ??  ?? I-DISTRUCTIO­N Boyz ijabulisa abantu abebesemci­mbini iGqom in Concert ebisePavil­ion Mall
I-DISTRUCTIO­N Boyz ijabulisa abantu abebesemci­mbini iGqom in Concert ebisePavil­ion Mall
 ??  ?? UBECULA aze ashaye imidanso adume ngayo uBabes Wodumo
UBECULA aze ashaye imidanso adume ngayo uBabes Wodumo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa