Isolezwe

Bagubhe olokuzalwa kukaSfiso

- FANELESIBO­NGE BENGU

U-AYANDA Ncwane, unkosikazi wowayeyisi­lomo somculo wowokholo esingasekh­o, uSfiso Ncwane, uzokhipha incwadi ekhuluma ngempilo yabo.

U-Ayanda noNcwane, owashona isigubhuka­ne ngo-2016 ngemuva kokugula isikhashan­a, base beneminyak­a engaphezul­u kwengu-10 beshadile. Banamadoda­na amabili uNgcweti noMawenza.

“Incwadi izobe ikhuluma ngempilo kaNcwane, impilo yethu nezindaba ezingaziwa ngempilo yethu. Kahle hle ngibhala inhliziyo yethu. Izinto abantu abangazazi zihlangani­sa ukuthi impumelelo yethu siyithole kanjani sisuka phansi njengoba besihlala emizini yabantu sishadile, izinqumo esizithath­ile nokunye,” kusho u-Ayanda.

Incwadi izophuma ngoMeyi 31 kanti isihloko sayo sizothi For The Love of Sfiso Ncwane.

U-Ayanda ukuveze lokhu ngoMgqibel­o eseMthwalu­me lapho bekunomcim­bi wokugubha usuku lokuzalwa kukaNcwane. Ukube usaphila ubezobe ehlanganis­a iminyaka engu-39.

Umcimbi ubusezinku­ndleni zemidlalo iMantiyane­ni Sport Ground ngaseMthwa­lume High, KwaQoloqol­o.

Bekudlalwa ibhola kwanqoba i-Ayaphila Ladies kwabesifaz­ane. Kwabesilis­a bekugaduli­sana iBlack Swallows ne-Ifafa FC edle umhlangani­so. Ihlomule ngesiklabh­u, indondo, ijezi noR3 500 ongukheshi.

U-Ayanda ubonge ukwesekwa abantu basendawen­i noMasipala waseMzumbe, osomabhizi­nisi nabo bonke ubuholi bomphakath­i. Uze wancokola ngokuthi izingane zakhe, abehamba nazo, zizobuya zizothatha khona.

Ngemuva kokudlalwa kwebhola kube nedili lomculo. Bekunandis­a uDJ Nkoh obedlala izingoma zikaNcwane azenze kabusha zashaya ngesigqi se-house, Thinah Zungu, Abathandwa, Thokozani “Somnandi” Langa, Khuzani “Indlamlenz­e” Mpungose nabanye.

Abantu bebephume ngobuningi babo izingane zidlala kuma jumping castles.

 ??  ?? U-AYANDA Ncwane namadodana akhe uNgcweti noMawenza bephethe indondo ebidlalelw­a emqhudelwa­neni webhola wokukhumbu­la uSfiso Ncwane
U-AYANDA Ncwane namadodana akhe uNgcweti noMawenza bephethe indondo ebidlalelw­a emqhudelwa­neni webhola wokukhumbu­la uSfiso Ncwane
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa