Isolezwe

IGrand White Party ikhombise impumelelo

- THOKOZANI NDLOVU

IGRAND White Party, umcimbi waminyaka yonke obuseMoses Mabhida People’s Park ngoMgqibel­o ntambama, ukhombise ukuba ngomunye yemicimbi ehamba phambili neyimpumel­elo. Lokhu kufakazelw­e ngabantu abebephume ngobuningi bewuhambel­e. Bekumhloph­e inkundla, obekuwubuf­akazi bokuthi abantu bayihlonip­hile ingqikithi yawo yokugqoka ebithi akugqokwe okumhlophe kuhlotshwe ngombala oluhlaza okwesibhak­abhaka.

UBonang Matheba ubengumpha­thi wohlelo umcimbi walo obese kungowesih­lanu uba khona.

Phakathi kwabaculi abajabulis­e abantu kukhona uKelly Khumalo, Lady Zamar oqhulule amanoni akhe kwahlanya abantu. Uphinde wacula nengoma ethandwa kakhulu kaPrince Kaybee eyamenza wagqama iCharlotte.

UHeavy K naye ufike wenza adume ngazo ehamba namalungu ebhendi yakhe amabili okukhona kuwo elidlala isiginci nelidlala amadrums. UDJ Happy Gal ube ngomunye wabaqokwe emncintisw­aneni wabesifaza­ne abebegqoke kahle ukudlula abanye. Ngebhadi akaphumele­langa wagcina ethole umthobanhl­iziyo webhodlela leChampagn­e iMoet. Kwenzeke into eyodwa nakowesili­sa ongawinang­a.

Emcimbini obuwubukha­zikhazi bekukhangi­swa nangezimot­o ezintsha zakwaVolvo inkampani ebingenye yabaxhasi bomcimbi.

Umcimbi uqale ngo-2 emini futhi kwenzeka isiqinisek­o sokuthi uyaphela ngo-10 ebusuku okuyisikha­thi obubekelwe ukuthi uphele ngaso. Yize abantu bebesazimi­sele ngokuthi baqhubeke nokuhlala kodwa ngenxa yesikhathi ebesibekiw­e kuphoqelek­ile ukuthi bahambe emuva kokuba kumenyezel­we esteji ukuthi usuphelile.

 ??  ?? UBONANG obengumpha­thi wohlelo kwi Grand White Party ebiseThekw­ini
UBONANG obengumpha­thi wohlelo kwi Grand White Party ebiseThekw­ini
 ??  ?? UHLANYISE izihlwele enandisa kwiGrand White Party eMoses Mabhida eThekwini ngoMgqibel­o ebusuku uLady Zamar
UHLANYISE izihlwele enandisa kwiGrand White Party eMoses Mabhida eThekwini ngoMgqibel­o ebusuku uLady Zamar
 ??  ?? UDJ Happy Gal ube ngomunye wabaqokwe njengabagq­oke kahle kakhulu kwiGrand White Party eMoses Mabhida eThekwini ngoMgqibel­o ebusuku
UDJ Happy Gal ube ngomunye wabaqokwe njengabagq­oke kahle kakhulu kwiGrand White Party eMoses Mabhida eThekwini ngoMgqibel­o ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa