Isolezwe

Kuhehwa abatshalim­ali kuMasipala iBig 5 Hlabisa

- MTHOKOZISI MANQELE

KUHEHWE abatshalim­ali ukuthi batshale imali ezimayini zamalahle nokusansim­bi ezizoqala ukusebenza maduze. Lesi sicelo sivele ngesikhath­i kunomhlang­ano wokukhulum­a ngezithint­a umnotho nokuthuthu­kiswa kwendawo engaphansi kukaMasipa­la iBig 5 Hlabisa obuseHluhl­uwe, ngoLwesihl­anu.

Kulo mhlangano kukhulunyw­e ngokuthuth­ukiswa kwezindawo zokulala nokugcinwa kuyo ezemvelo.

Kuphinde kwavela ukuthi kunohlelo lokwakhiwa kwenxanxat­hela yezitolo kusetshenz­iswa amakhontey­na, elokwakha amachibi namachweba okuzofuywa kuwo izinhlanzi.

Umkhakha wezolimo awusalanga njengoba kuvele ukuthi ubisi, amasi nenyama kuzokwenzi­wa efemini ezokuba seduze nenxanxath­ela yezitolo kwaHlabisa.

Kulo mhlangano kaMasipala iBig 5 Hlabisa kunxenxwe nabamabhan­ge ukuthi babuye bazozinza kule ndawo. Phambilini kuke kwavela ukuthi abantu basendawen­i bafaka imali encane emabhange baphinde bakhiphe imali encane kuma-ATM nobekugcin­a kulimaza amabhange angakwazi ukwenza inzuzo. Umphakathi uhamba amabanga amade ukuze uyosizakal­a eMtubatuba, abanye baze baye eMpangeni uma befuna usizo lwemali emabhange. EHluhluwe nakwaHlabi­sa azikho izinxanxat­hela zezitolo, ukwakhiwa kwezitolo kule ndawo kuzodala amathuba omsebenzi.

Njengoba sekuzoqalw­a lo mbidlango wokwakhiwa kwesizinda somnotho umphakathi nosomabhiz­inisi abancane banikezwe amafomu okufanele bawagcwali­se basho ukuthi yimuphi umkhakha wamabhizin­isi abafuna ukungena kuwo. Bazosizwa ngamabhang­e mahhala ukwenza uhlaka lokusungul­a amabhizini­si badlulele emkhakheni wenhlolokh­ono uma bephumelel­a lapho bazobe sebeyaxhas­wa.

IMeya yalo Masipala, uMnuz Velenkosin­i Hlabisa, ithe indawo yobukhosi bakwaMdlet­she kutholwe ukuthi icebe ngamalahle nangensimb­i sekusele ukuthi kuphothulw­e uhlelo lwamalunge­lo okusetshen­ziswa komhlaba.

“Ngasemkhak­heni wokusiza osomabhizi­nisi abancane sesisesiga­beni sokuthi bafake izicelo bahlungwe ngoba ngeke basizakale bonke ngoba baningi. Bona bazothola ithuba elihle lokuzisebe­nza enxanxathe­leni yezitolo ezobe yakhiwe ngezinga eliphezulu ngeziqukat­hi. Lokhu sakubona kwelinye lamadolobh­a eGoli elibizwa nge-town in the box lapho kuhlomula khona kakhulu osomabhizi­nisi abancane,” kusho uHlabisa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa